SEKUQUBUKE umsindo kwamanye amaqembu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngoR1.2 million owakhishwa nguMnyango wezoBuciko namaSiko wokuxhasa umcimbi womgubho wokuzalwa komholi we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Uchungechunge lwemicimbi yokuzalwa kwalo mholi yenzeka ngo-Agasti nonyaka.
Okhulumela umnyango wezobuciko uMnuz Mack Makhathini, uthe kwafika isicelo sokuthi kuxhaswe umcimbi kaShenge wathi le ndaba yaxoxwa nasesigungwini esiphezulu kwavunyelwana ngokuthi umnyango ukhokhele indawo okwakubanjelwe kuyona umcimbi.
“Kwakhokhwa uR1.2 million,” kusho uMakhathini.
USihlalo weNFP KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, uthe le mali bekumele ixhase izinhlelo ezifana nezokuthuthwa kwabafundi njengoba uMnyango wezeMfundo ushoda ngoR125 million ukwenza lokhu.
Uthe ukukhishwa kwemali kuxhaswe imicimbi kubeka engcupheni imfundo esezingeni. “Isikole iMthenje High eBergville, sacekelwa phansi isichotho kusuka ngo-2015, ngonyaka olandelayo kwasha umtapo wolwazi ngemuva kokushaywa ngumbani. Akukho okwenziwe kuthiwa imali ayikho yokulungisa isikole.”
Uthe bayamhlonipha uShenge kodwa akumele kuthathwe izinsiza ezincane ezikhona engabe zithuthukisa impilo yabantu zisetshenziselwe enye into.
Umholi we-EFF esifundazweni, uMnuz Vusi Khoza, ukugxekile ukukhishwa kwale mali wathi sasikuphi isidingo sokuthi kuthathwe imali yabakhokhi bentela isetshenziselwe ukuxhasa umcimbi.
Uthe bazoya esiShayamthetho beyobuza uNgqongqoshe walo mnyango uNkk Bongi Sithole-Moloi ngalo luxhaso ngoba bafuna izimpendulo “Angikholwa ukuthi i-IFP yayizoyikhipha le mali ukwenza umgubho kaShenge kodwa ngoba imali yabakhokhi bentela bayazenzela. Sifuna ukwazi ukuthi yini eyenza ukuthi kusebenze imali engaka kwakubaluleke ngani?”
Umholi weDA esifundazweni uMnuz Zwakele Mncwango uthe bekubalulekile ukuthi uShenge ahlonishwe esaphila ngamagalelo akhe.
Uthe abaphikisani nokuxhaswa komcimbi wakhe wathi into ebalulekile ukuthi yaphuma ngendlela efanele yini.
“Ngokwami ukuhlonishwa kwakhe kumele ngabe kade kwenziwa. Into enhle igcina isiyoneka ngoba imicimbi ibe miningi kakhulu, kwabakhona owawuse-ICC, Exhibition Centre neminye oLundi. Ngiyazi omasipala ikhona imali abayifaka yaba miningi kakhulu imicimbi,” kusho uMncwango.
UMnuz Joshua Mazibuko, iPhini lomkhulumeli we-IFP, uthe kuyacaca ukuthi iNFP yayilele ngesikhathi kunale micimbi noma abaleli qembu babeshaywa yisiLungu ngesikhathi le ndaba ixoxwa esiShayamthetho.
Uthe abeNFP basanezinhliziyo ezibuhlungu ngoba i-IFP iyakhula wathi njengoba kuyiwa okhethweni basebenzisa noma yini ngoba bafuna ukuhlale bekhona.
“Manje sebehlasela uMntwana ngoba befuna ukuhlala bekhona bazibuyise. UMntwana uyiqhawe, akekho umuntu ongaphikisa lokho uma ephilile ekhanda. Umnyango wawunelungelo lokumhlonipha ngokusebenzela abantu,” kusho uMazibuko.
Usotswebhu we-ANC uNksz Nontembeko Boyce, uthe uhulumeni wazibophezela ekutheni uzoba yingxenye yemigubho kaShenge ngoba akayena nje usopolitiki nje kodwa ngumuntu owayibeka induku ebandla kwezombusazwe.