ZIYANDA izikhalazo mayelana nokuqanjwa kabusha kwamahhovisi kaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, asezoqanjwa ngomengameli we-IFP ngokuhlonishwa, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Amahhovisi abekade ebizwa ngeSilo uCetshwayo kodwa ngoLwesihlanu lokhu kuzoshintsha njengoba kunomcimbi wokuqanjwa kabusha kwawo.
Emcimbini wangoLwesihlanu kuzophinde kwethulwe isichuse sikaButhelezi, esiseduze kwesichuse seSilo sasoNdini phambi kwamahhovisi alo masipala.
Ukuqanjwa kabusha kwamahhovisi kamasipala sekuthole ukugxekwa yizinhlaka ezahlukene okukhona kuzo ingxenye yasendlunkulu eyeseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini embangweni wesihlalo, i-ANC kwisifunda iMusa Dladla kanye nowayeyimeya yalo masipala, uNkk Thembeka Mchunu.
Lesi senzo basichaze njengokucishwa komlando weSilo sasoNdini esanqoba amaNgisi empini yaseSandlwana.
Abeseka uMntwana uSimakade bathe angeke bakuvume ukuthi kuqhutshekwe nokuqanjwa kabusha kwamahhovisi alo masipala.
Lokhu bakusho esithangamini sabezindaba ebesiseThekwini izolo.
UMntwana uMazwi Zulu waKwaMinyamazi uthe basazohlangana njengendlunkulu babuke izinyathelo zomthetho abangazithatha ukuzama ukuvimba lokhu.
UMntwana uMazwi uthe bazophinde baye edlinzeni leSilo uCetshwayo beyosibikela ngalesi sinqumo esithathwe wumasipala.
Ugxeke kakhulu imeya yalo masipala, uMnuz Thami Ntuli.
“Asazi thina ukuthi kufike kanjani emcabangweni wale ndoda yakwaNtuli ukuthi ukuzilungiselela amathuba ayo ezepolitiki bese icabanga ukuzilungiselela ngenkosi yomhlaba.
“Ngeke sivume uma sisaphefumula ukuthi kuthathwe igugu lethu, kuthathwe ingubo yethu inikezwe uMntwana wakwaButhelezi, oyingane yalapha ekhaya. Siyababaza.”
UMntwana uThokozani Zulu uthe uButhelezi bekungafanele avume ukuthi igama lamahhovisi liqanjwe ngaye.
UMntwana uThokozani uthe isichuse sikaButhelezi akufanele sibekwe eduze kweseSilo uCetshwayo njengoba ekhale ngokuthi imilando yabo ayifani.
Esitatimendeni, uNtuli ukuvikele ukuqanjwa kwabusha kwamahhovisi omasipala.
UNtuli uthe eqinisweni bazokube bengaqambi kabusha amahhovisi kamasipala kodwa bazokube bebuyisa igama elidala asole i-ANC ngokushintshwa kwalo.
UNtuli uthe ngokwesinqumo sikamasipala, babekade benqume ukuthi umasipala owaziwa njengoThungulu ngaleso sikhathi uqanjwe ngeKing Cetshwayo bese kuthi amahhovisi wona bese eqanjwa ngoButhelezi.
Uthe lokhu kwashintsha ngesikhathi i-ANC ithatha izintambo zokuphatha lo masipala.
Lokhu kuphikiwe ngowayeyimeya, uNkk Mchunu, nonobhala we-ANC kwisifunda iMusa Dladla, uMnuz Nathi Xulu.
UNkk Mchunu noXulu bathe amagama ayekade ephakanyisiwe ukuba kuqanjwe ngawo igama lamahhovisi kamasipala kwakungelikaButhelezi nelaloyo owayengumengameli, uMnuz Nelson Mandela.
Bathe emva kokuthola izimvo zabantu, omabili la magama agcina esala, kwaphasa eleSilo uCetshwayo.
Bathe lokhu kwakwenzelwa ukuhlanganisa abantu bakulesi sifunda abaqhamuka ezinhlanganweni zezepolitiki ezahlukene.
Khonamanjalo uMntwana uMxolisi kaBhekuzulu, ongumfowabo weSilo esesakhothama, uphinde wakhala ngokuhoxiswa kwamaphoyisa ezigodlweni.
UMntwana uMxolisi uthe izigodlo azisenabo abaqaphi, wathi ondlunkulu beSilo esesakhothama abaphephile.