SIMUNCU isimo ebandleni lamaNazaretha ngaphansi koNyazilwezulu, njengoba sekuvele ukuthi amakhosi esizwe akhonza kuleli bandla asexoshe umfundisi oyisethenjwa salo mholi, abuye ehlisa nabavangeli ababegcotshwe yilo mfundisi ezikhundleni.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, kuthiwa isimo simanzonzo ebandleni njengoba amakhosi echithe uMfundisi Shozi, okuthiwa ubeyisethenjwa soNyazilwezulu. Emva kokuchithwa kwakhe kwehliswe nabavangeli okuthiwa bebegcotshwe ngaphansi kobuholi bakhe ezikhundleni, babuyiselwa ezikhundleni zokuba ngabashumayeli.
Kukhona nezwi eliqoshiwe elisatshaliswayo lapho amakhosi ezisholo wona ukuthi asemchithile umfundisi uShozi ebandleni, ehlisa nabanye abavangeli futhi anxusa abaziyo ukuthi bagcotshwa kungafanele ukuthi bazizele kuwona azobehlisa ezikhundleni.
Ezwini eliqoshiwe kuzwakala owesilisa othi: “Sicela abavangeli abaziyo ukuthi bagcotshwa kungafanele bazizele bona emakhosini kulungiswe indaba yabo. Noma ngabe sebelizwa limnandi kangakanani ijazi lobuvangeli abese beligqoka kodwa mababe nonembeza beze ngaphambili. Banenhlanhla bona ngoba uShembe ubakhumbulile besaphila ukuthi balungise amaphutha abo ngoba lizobasinda leli jazi abaligqoke ngokungemthetho, uma sebedlulile emhlabeni.”
Umthombo waleli phephandaba ongashayi eceleni uthe siyabamangaza isenzo samakhosi ngoba bona bazi ukuthi abantu abanamandla okuthatha izinqumo ebandleni abafundisi.
“Kuyacaca ukuthi abafundisi sebephuciwe amandla njengoba izinqumo sezithathwa ngamakhosi esizwe. Siyakuqala lokhu kumaNazaretha. Baningi nabanye esizwe kuthiwa bazoxoshwa ebandleni ngaphandle kokwehliswa kwabavangeli ezikhundleni,” kusho umthombo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe baluzwile udaba lokuchithwa kukaMfundisi uShozi nokwehliswa kwabavangeli ezikhundleni.
“UNyazi alubaxoshi abantu ebandleni kodwa lucele amakhosi ukuthi alungise lolu daba. Isinqumo sokuchitha abantu nokwehlisa abathile ezikhundleni siphume kuwona amakhosi. Nokuthi kube ngamakhosi athatha lesi sinqumo akunankinga uma ethunywe wuNyazi ukuthi alungise isimo ebandleni. Njengomholi uNyazi luthumela noma wubani ukuthi alungise uma kukhona okungalungile, akukhathalekile ukuthi unesikhundla noma kawunaso,” kusho uMncwabe.
Kwelinye izwi eliqoshiwe kuthiwa uNyazi belukhala ngoShozi luthi useluphendule isichuse njengoba kunguyena osethatha zonke izinqumo, aphikise nalo ezinqumweni oluthi luyazithatha.
UMncwabe uthe kungamampunge lokho, kodwa abantu abebezama ukungcolisa igama likaShozi abasho njalo, ukuze azondwe yiwona wonke umuntu.