Ikhambi lokuzelapha okungumculo nomdanso lika-Emmanuel Madonsela limvulele iminyango wehlelwa yisibusiso angasoze asikhohlwa empilweni.
U-Emmanuel (48) uphenduke isilomo enkundleni yokuxhumana i-TikTok ngemidanso ayishaya sengathi akanakile ezivalele ehhovisi lakhe kwaMakro, eManzimtoti, lapho esebenza khona njengeSenior IT Technician.
Akuthathanga sikhathi esingakanani eqale ukuyifaka ekhasini lakhe lapho ezibiza khona ngo-@Denhlax ngaphambi kokuthi inakwe yizilomo zabaculi uDJ Maphorisa noTyla osedume umhlaba wonke.
“Kunozakwethu osewashona, engathi umoya wakhe ungaphumula ngokuthula, owangifaka kwiTikTok. Wangithumela umyalezo ngeWhatsApp engitshela ngawo mina ngacabanga ukuthi ukhuluma ngamakhekhe etiye. Ngangijwayele ukuzibukela izinto ezihlekisayo kwathi ngolunye usuku ngizishayela (iziphuzo) ngase ngiyadansa ngafaka,” kusho u-Emmanuel.
Uthe eqala akabukwanga ngamabantu abaningi kodwa walokhu eqhubeka ewafaka.
“Ngenza enye ngidansela iManzi Te kaDJ Maphorisa wayifaka naye uMaphorisa baqala banyuka abalandeli ekhasini lami. Enye engayenza yafakwa wuTyla ekhasini lakhe. Landlondlobala kakhulu ikhasi lami ngoba kumanje ibukwe ngabantu abangaphezu kuka-4.2 million. Ngingasho ngithi uMaphorisa noTyla yibo abenza ikhasi lami linakwe.”
U-Emmanuel uthando lomculo nomdanso ukhule nalo eMlaza, lapho edabuka khona njengoba esehlala eMandawe, ngaseScottburgh.
Uthe akakwazi ukuhlala engadansi uma kudlala umculo.
“Umculo uyangisiza ukukhohlwa yizinkinga. Uyangivuselela uma umoya wami uphansi. Wenza konke okwenziwa wumngani osondelene naye. Noma nginenkinga yani ngidlala umculo ngidanse. Isikhathi esiningi kuhlale kunomsindo kimi bese ngiyawucima uma kunento ebalulekile.”
Lo yise wezingane ezine futhi oshadelwe, imidanso yakhe ibonwe wuphrojusa waphesheya uGordo omfake kwi-video yakhe noDrake yengoma i-Healing.
I-video yenziwe njengeqophamlando elikhuluma ngempilo ka-Emmanuel nomndeni wakhe.
Uthe ubengamazi uGordo ngoba yena ukhonze i-deep house nokuyingakho ngesikhathi bemthumelela umyalezo ngoJuni, wayezitshela ukuthi ngabantu abadlala ngaye.
Uqhube wathi ubuye wathi akabalalele nokugcine kufinyelele esigabeni sokuthi kwenziwe iqophamlando eliphela ephiwa imoto iVW Polo athe izoba wusizo olukhulu kuye nomndeni.
“Lapho engihlala khona ngihamba imizuzu engu-30 uma ngiyogibela itekisi. Uma ngihamba nonkosikazi kuthatha isikhathi eside futhi ngesikhathi ngifika emsebenzini ngisuke ngikhathele. Ngingena u-7 emsebenzini okusho ukuthi kumele ngiphume ngo-5.30 kusemnyama.”
Uveze ukuthi umatasa uhlanganisa ukuthola izincwadi zokushayela ukuze uma sekuqedwe uhlelo lokuthi imoto ayithole ebe esekulungele ukuyishayela.
“Indlela engikhule ngayo ibinzima. Izinto ezenzekayo yizinto abantu abebethi ngeke ngibe nazo nokwangenza ngingalindeli izinto eziningi. Ngiyakwazi ukushayela kodwa izincwadi anginazo. Kuyaphoqa ukuthi ngibe nazo manje. Vele nemoto kusenohlelo oluqhubekayo ngayo ngoba leya yayiqashelwe ukuqopha.”
Uqhube wathi konke okwenzeka kuye kungumusa kaNkulunkulu nedlozi. Uthe kumanje kunabantu abafuna ukusebenza naye ebamakethele imikhiqizo yabo kwiTikTok.
“Ayikho into etheni engiyenzile ukuze ngibe la. Akukho ukuthi ngingcono kunomunye kwiTikTok. Ngenza okufanayo kodwa uNkulunkulu waziveza ngami nedlozi likhombisile ukuthi ukunakekela umsamo kuyaphilisa.”