UMBUSO uthi unobufakazi obunqala obuzoholela ekutheni lilahlwe ngamacala iphoyisa elitheswe elokuthumba nelokubulala “elalimbophile” uMnuz Sihle Mtshare (27), eMariannhill.
Lokhu kudalulwe eNkantolo yeMantshi ePinetown, nguMshushisi, uNksz B Mncwango. Ubenza izethulo zokugcina ezindlalela ukukhishwa kwesinqumo esicelweni sebheyili, sephoyisa uSergeant Ayanda Percival Ntombela (42).
UNtombela ubhekene namacala amane, okungelokuthumba, elokubulala okuhleliwe, elokweba ifoni kaMtshare nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Inkantolo ikuhlehlisele isonto elizayo ukukhishwa kwesinqumo esicelweni sebheyili kaNtombela. Ithe nakuba ikuqonda ukuthi siyaphuthuma isicelo, kodwa buningi ubufakazi obethuliwe okusamele iyobucubungulisisa bese ikhipha isinqumo.
“Ubufakazi umbuso ogabe ngabo buqine kakhulu nakanjani azomlahla amacala athweswe wona mhlazane kuphothulwa ukuqulwa kwecala,” kusho umshushisi.
Wathi umsolwa uhlulekile ukudalula enkantolo izizathu ezinqala ezingenza ukuthi imdedele ngebheyili ngakho ulunge esezitokisini. Umshushisi uqhube wathi akwanele ukuthi unamakhosikazi amabili, izingane azondlayo, umuzi awushiyelwa abazali bakhe, izinkomo ezinhlanu nemoto asayikhokhela. Uthe abukho nobufakazi bokuthi unomkhuhlane athi uwuthole ejele agcinwe kulona eWestville.
Ngokusho komshushisi ukudedelwa kukamsolwa ngebheyili kungase kudale uthuthuva, kwenze abantu bavuke indlobane.
“Kuzobeka inkantolo kabi, sengathi ayiwenzi kahle umsebenzi wayo. Kungase kulahlise abantu ngethemba futhi kubenze babe nongabazane ngendlela okusebenza ngayo ezomthetho. Uma ededelwa umsolwa, kungenzeka afihle futhi ashabalalise ubufakazi okuyinto ayenzile esengaphakathi emaphoyiseni,” kuchaza umshushisi uMncwango.
Ngakolunye uhlangothi, ummeli kamsolwa, u-Advocate M Mkhize ukhale ngokwephulwa kwalungelo likaNtombela eligunyazwe kuMthethosisekelo wezwe. Uthe akafundelwanga amalungelo akhe ngesikhathi eboshwa uNtombela.
Ummeli kaNtombela ukhononde ngokuthi amaphoyisa amyisa lapho kwakulahlwe khona isidumbu sikaMtshare, eCamperdown, awushaya indiva umyalelo wakhe owawucela bamlinde ngoba wayesendleleni eya esiteshini samaphoyisa.
“Umfaki sicelo ngeke aphazamise uphenyo lwecala ngoba vele akasekho embuthweni wamaphoyisa. Ngicela inkantolo imnike ibheyili umsolwa ngoba umsulwa kuze kube kunquma inkantolo eyobe ilalele ukuqulwa kwecala lakhe,” kusho ummeli.
Ngaphandle nangaphakathi enkantolo bekukhona abebezokweseka umndeni kaMtshare, nabambalwa bomndeni kaNtombela.
Njengenhlalayenza amalungu omphakathi aKwaSanti, abebhikisha ngaphandle kwenkantolo efaka ingcindezi ukuthi inkantolo ingamniki uNtombela ibheyili.