UTHATHWE amaphoyisa ayomhlohla imibuzo omunye wabasebenzi bakaMasipala waseNdumeni, eDundee emuva kokuthi kubanjwe inkunzi kwathathwa uR97 000. UMasipala waseNdumeni wehlelwe wumshophi kwafika abalisa ababophe umqaphi bangena bashaqa imali.
Isolezwe Ngempelasonto, lakwabo kwaleli, libike kabanzi ngempelasonto ngalolu daba. UMasipala waseNdumeni uphethwe yi-IFP ngokubambisana ne-DA emuva kokuthi bewephuce i-ANC emuva kokhetho ngo-2021.
Kuvele ukuthi umsolwa wokuqala ufike wazenza umsebenzi, ethi kukhona afuna ukuyokuthatha ngaphakathi, nokuthe uma emvulela umqaphi wase emjikela wamkhomba ngesibhamu.
Kuthe uma emkhomba, kwavumbuka abanye base bengena baqonda esisefweni semali basisika bakhala bemuka nayo. Kuthiwa imali ebibekwe emahhovisi omkhandlu isuke iphuma kubantu bekhokhela izidingo ezehlukene kanti ibilinde ukuyofakwa ebhange.
Umthombo weSolezwe uthe kunomsebenzi othathwe amaphoyisa ayomphosa imibuzo kodwa ngesikhathi elandwa bekungaziwa noma uyaboshwa.
“Amaphoyisa amthathile ukuze axoxe naye afake imibuzo efuna ukuzwa kahle ukuthi yikuphi akwaziyo. Cha, akaboshwanga ngoba abuye amdedela. Sengathi yinto ejwayelekile ukuthi amaphoyisa amthathe umuntu amphenye ambuyise,’’ kusho umthombo osondelene nodaba.
IMenenja kaMasipala, uMnuz Sithembiso Ntombela, uthe uwutholile umbiko ngokuthathwa komunye wabasebenzi.
“Ngosuku olulandela olwesigameko, amaphoyisa athathe umsebenzi kodwa sizolinda uphenyo luveze ukuthi kwenzekani,’’ kusho uNtombela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala uthe bayalwazi udaba lwaseNdumeni. Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubamba inkunzi futhi uphenyo lusaqhubeka. Akafunanga ukuyikhuluma eyokuthathwa komsebenzi ephoswa imbuzo.