Umholi wabaphenyi becala lokufa kukaSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, uthe ummangalelwa wokuqala walidalula igama lomuntu owayebathume ukuyosoconga umufi.
UGininda udalule lokhu eNkantolo eNkulu ePitoli lapho abethula khona ubufakazi bakhe izolo. UMeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe ewumculi, uKelly Khumalo, eVolsoorus, ePitoli ngobusuku bango-Okthoba 26,2014.
Icala libuyele enkantolo okokuqala kulo nyaka selokhu laguqa ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi ummeli, u-Adv Thulani Mngomezulu ebika ukugula.
Ngesikhathi limiswa kwakusingethwe uhlelo lokuthola ukuthi izitatimende zokuvuma icala zifanelwe yini ukwemukelwa enkantolo njengobufakazi.
Izolo kuqale ngokuthi u-Adv Mngomezulu apheke uGininda ngemibuzo ngencwadi egunyaza ukuboshwa kwabamangalelwa, okuyinto ebangwe kakhulu. UMngomzeulu uthe uGininda kufanele achaze ukuthi kungani wafaka isicelo sencwadi yokubopha abamangalelwa ekubeni ayebazi ukuthi baboshiwe ngamanye amacala.
Kuphikiswane kwaze kwaba yiJaji Ratha Makgoatlheng elinquma ukuthi kufundwe isitatimende sikaGininda asihambisa emantshini, efaka isicelo sencwadi. UGininda wenekele inkantolo ukuthi abamangalelwa bathinteka kanjani ngamunye ecaleni.
Uthe abamangalelwa bayizinkabi ezaziwayo embonini yamatekisi. UGininda efunda isitatimende, uveze ukuthi uMeyiwa wathengelwa izinkabi hhayi indaba yenganekwane yokuthi kwakubanjwa inkunzi.
“Ummangalelwa wokuqala esitatimendeni sakhe esibhaliwe evuma icala, washo izinto ezithile ezaphoqa ukuthi senabe nophenyo. Wakubeka kwacaca nokuthi wubani owabayalela ukubulala uMeyiwa,’’ kusho uGininda.
UGininda uveze nokuthi ummangalelwa wesibili, uBongani Ntanzi wavuma konke, waze wadalula nabanye abathintekayo. Uqhubekile uGininda watshela inkantolo ukuthi wuNtanzi owangena endlini ngobusuku besigameko, wayezimisele ukuba wufakazi woMbuso, achakide abanye abamangalelwa.
UGininda uqhubekile wathi ummangalelwa wesithathu, uMthobisi Mncube, wuyena owangena endlini ephethe isibhamu ngobusuku besigameko owagcina edubula uMeyiwa.
“Ummangalelwa wesithathu udonsa iminyaka engu-35, ngecala lokubulala umuntu. Umbiko wesibhamu uveza ukuthi yisona abulala ngaso kulelo cala futhi yisona esabulala uMeyiwa,’’ kuchaza uGininda.
Uchaze nangommangalelwa wesine, uMthokozisi Maphisa, wathi yena wayesele ngaphandle egadile ephethe isibhamu esincanyana. Ummangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli kuvele ukuthi yena wayesele emotweni elinde ukuthi uma kuqedwa ayishaye izule.
Kuvela ukuthi uNtuli wayeshayela iVW Polo empunga ngombala futhi wayeke wabonakala ehamba ngayo ngaphambi kwesigameko, waphinda wabonakala nangemuva kwaso. UGininda uthe ukubulawa kukaMeyiwa kwahlelwa ehostela eVosloorus futhi kwayiwa khona nasemuva kwesigameko.
Uveze nokuthi iselula kaKelly eyathathwa yalandelwa, yagcina inyamalala ngakhona koVosloorus, yacinywa yangaphinde yavulwa. Icala lisheshe laguqa ngoba abameli bekufanele banikwe ithuba lokubheka amadokodo amanye amacala abamangalelwa abathinteka kuwona. Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo namuhla.