KUMI ngomumo konke kuma-Durban Tourism Business Awards okuqala, osigaba sokuvota komphakathi kuwona sivule ngoLwesihlanu, mhla ka-11 Mashi ngo-8 ekuseni. Lokhu kunika umphakathi ithuba lokuvotela izinto ezihlukene zemboni yezokuvakasha ebezingenele umncintiswano kanti ukuvota kuvuliwe kuze kube mhla ka-18 Mashi ngo-11 ebusuku.
Ukuze uvote ngena ku: www.durbantourismawards.com. Umphakathi uvunyelwe ukuvota kwi-Service Excellence Category eneminxa eyisithupha evame ukusetshenziswa yizivakashi ezimnkantshubomvu.
Emiklomelweni evulelwe umphakathi ukuthi uvote kuyona kukhona oRisho, Abezokuthutha, Abezindawo zokuhlala, Abezikaqedisizungu, Abakhombisa izivakashi izindawo, Izindawo zemihlangano, Imibukiso nezindawo Zemicimbi Ekhethekile.
Kuzohlolwa mathupha umkhakha ngamunye yithimba lamajaji, abahloli be-Durban Tourism Product Quality nabacwaningimabhuku.
Esigabeni sokuqala semiklomelo bekungene abanikazi bamabhizinisi abacela ku-200 abebengenele ngezinto zezokuvakasha abazenzayo.
Imiklomelo, ezoba ngoMeyi, inhloso yayo wukuklomelisa umsebenzi omuhle emkhakheni wezokuvakasha eThekwini.
Okunye le miklomelo ehlose ukukwenza wukwazisa ngobumqoka bezokuvakasha ukusimamisa umnotho wedolobha, owesifundazwe nowezwe lonke nesidingo sokukhuthaza izinto zezokuvakasha, ikakhulukazi ngesikhathi seCovid-19 nomphumela ebe nawo endimeni yezokuvakasha.
IMeya yaseThekwini uMnu uMxolisi Kaunda ithe umphakathi uzovota ngokwazi kwayo lezi zinto. Lokhu kuzolekelela ithimba lamajaji azimele ukuthi liklomelise izindawo ezifanele ukuklonyeliswa.
Kuzotitilizwa ukheshi nemiklomelo. Onqobile emkhakheni ngamunye uzogoduka nomklomelo wenani likaR50 000. Kule miklomelo kubalwa i-laptop, i-iPad noma i-tablet, ukwenzelwa nokubhekelwa i-website izinyanga eziyisithupha ne-data yezinyanga eziyisithupha.