UTHATHE elinye igiya umbango womholi weNew Nazareth Baptist Church, umfundisi Mthembeni Mpanza ogxeka uNyazilwezulu ngokuzibiza ngoNkulunkulu, njengoba usungenwe nawumelaphi wendabuko oweseka uNyazi.
Umfundisi Mpanza uthi uNyazi lwenza okungekhona ukuzibiza ngoNkulunkulu futhi nebandla lamaNazaretha akulona elakwaShembe kodwa elikaNkulunkulu.
UNyazilwezulu olusamile ekutheni lona linguNkulunkulu, lwesekwe wumelaphi uZamokwakhe “King Bhaka” Nzama ngale nkulumo yalo.
UKing Bhaka uthe inkinga kaMpanza akakuqondi ukusebenza kukamoya oyingcwele yingakho ebona sengathi uNyazi luyaphambuka. Le nkulumo yakhe uyenze ekhasini lakhe leFacebook lapho ebeke khona izizathu zokuthi kungani ekubona kungaphambene okushiwo wuNyazilwezulu ngokuzibiza ngoNkulunkulu.
Ethintwa umfundisi uMpanza ngenkulumo kaKing Bhaka, uthe uyizwile kodwa kunezizathu ezenza akhulume kanje.
“Inkinga ukuthi lapha eBuhleni sekukhonza nezangoma nezinyanga okuyinto engavunyelwa wubuNazaretha. Kumele uBhaka alweseke uNyazi ngoba vele eBuhleni yilapho zikhululeke khona izinyanga nezangoma kanti ngokwenqubo yobuNazaretha akwemukelekile ukuthi ube yisangoma uma usuthathe le nkolo. Ukuvunyelwa kwazo kwenza indawo yaseBuhleni kube yikhaya lazo,” kusho uMfundisi Mpanza.
Ethintwa uKing Bhaka, uthe uMfundisi uMpanza ukhulunyiswa wukungaqondi.
“Angilona iNazaretha kodwa uNyazilwezulu uma luthi lunguNkulunkulu, lusuke lungaqondile lona siqu salo kodwa liqonde umoya ophila kulona kaNkulunkulu. Izinyanga nezangoma nazo zingabantu bakaNkulunkulu, akumele uMpanza azihlulele. Angikhulumeli uShembe kodwa ngikhulumela uNkulunkulu engazi ukuthi akabandlululi muntu. Kunenqwaba yezinyanga nezangoma eziya kuNyazi ngenhloso yokuthi kukhuphuke amandla ezinawo ngoba ziyazi lusetshenziswa wuNkulunkulu. Ezinye zifike ziyeke ubunyanga nobungoma zibe ngamaNazaretha. UMpanza uma ethunywe nguNkulunkulu akumele agxeke ubunyaka nobungoma ngoba uNkulunkulu uthanda wonke umuntu,” kusho uKing Bhaka.
Kuthintwa uMncwabe, uthe bona njengamaNazaretha akekho noyedwa umuntu obhajadisiwe abake bembone engena nemiyeko esontweni ezokhonza.
“Wonke umuntu uma eze enkonzweni ugqoka umnazaretha. Izangoma nezinyanga ezivumeleke ukungena ebandleni nemiyeko yazo ezingabhajadisiwe kodwa ezisuke zizonikelela ukucela isibusiso. Alikho ilungelo lokuthi zixoshwe ngoba noma ungeyona inyanga noma isangoma wamukelekile ukuthi uzocela isibusiso kuBaba uNyazilwezulu,” kusho uMncwabe.
Uthe uyayesekela inkulumo kaKing Bhaka, wathi uma umuntu ekhuluma into eyiqiniso abubalulekile ubungoma nobunyanga bakhe. Wathi ukholwa ukuthi uKinga Bhaka uphathisiwe lo msebenzi ngoba wake waxhumana naye eminyakeni eyishumi edlule elethe isibonakaliso ngobuhle boNyazi.