YIZE kunenkolelo yokuthi iwayini elibomvu liyasiza ukuthi abantu bangahlaselwa yisifo senhliziyo kodwa abanye bakhala ngokuthi libaphathisa ngekhanda.
Abaphathwa yikhanda ngabantu abaliphuzela ukuphila kahle, abasuke bephuze ingilazi noma ezimbili.
Ngokusho kukaMnuz Murray Hewlett, oyisikhulu esiphezulu senkampani egxile kwezempilo, i-Affirnity Health, kuningi okwenza abaphuzi bewayini elibomvu baphathwe yikhanda.
Ubalule ukuthi iwayini elibomvu linama-sulfites, okuyizinongo ezisetshenziswa ekudleni ukuze kuhlale isikhathi eside.
“Ama-sulfites awanawo umthelela omubi kubantu kodwa kuyavela ukuthi abaphuza iwayini elibomvu baphathwa yikhanda ngenxa yokuthi maningi kakhulu kulona kunasewayinini elimhlophe.
Kungaba kuhle ukuthi abantu baphuze iwayini elenziwe ngokwemvelo (organic) ngoba alifakwa ama-sulfites amaningi,” kusho uHewlett.
Uveze ukuthi amanye amawayini abomvu ane-histamine, okuwumkhiqizo owenzeka ngokwemvelo ekudleni okubalwa newayini, uyasiza ekutheni umzimba ufunde ukuzivikela kodwa ngebhadi kwabanye abantu wenza umzimba usebenze kakhulu, baze baphathwe yikhanda.
Uthe isikhumba samagrebhisi sinomkhiqizo obizwa nge-tannin okuyiwona owenza libukeke futhi linambitheke ngendlela elinambitheka ngayo kodwa kwabanye abantu libaphathisa ngekhanda.
Ubalule ukuthi abaphuza iwayini ngoba befuna ukuphila kahle, kufanele bafunde ukuphuza amawayini ane-tannin encane, babheke amawayini abomvu angekho bomvu kakhulu (lighter red) ngoba awanayo i-tannin eningi.
Uveze ukuthi okunye okudala ikhanda yi-tyramine nayo eyenzeka ekudleni, ikakhulukazi okubekwa isikhathi eside ukuze kunambitheke kahle, okubalwa iwayini, ushizi, inyama e-smoked nokunye.
Uthe abaphathwa yikhanda bakhetha amawayini abomvu angenaso isikhathi eside ekhiqiziwe ngoba awanayo i-tyramine eningi.
Ugqugquzele abaphuza iwayini ukuthi baphuze namanzi ngoba bonke utshwala benza umzimba ulahlekelwe ngamanzi.
Wenze isibonelo ngokuthi abantu abasuke bephuzela impilo badla ukudla okunomsoco, bese bethi motho ingilazi yewayini, ehambisana nengilazi yamanzi.
Uthe ukuphathwa yikhanda kwabanye abantu kungasho ukuthi banenye inkinga edinga ukuxilongwa wodokotela ukuze basizakale.