UMNYANGO wezokuMbiwayo naMandla uthi amaphaphu phansi kubantu mayelana nezinsolo zokuthi izwe lingase lishodelwe wuphethroli.
Lo mnyango ukhiphe isitatimende esiqinisekisa abantu ukuthi kunophethroli owanele ezweni emuva kokuthi iLiquid Fuel Wholesale Association iveze ukuthi izwe lingase lishodelwe wuphethroli.
Uthe akusilo iqiniso ukuthi izwe lizoshodelwa wuphethroli ngoba ngisho impi yase-Europe ayithikamezi ukuba khona kukaphethroli.
“Umnyango ukhuluma nabemboni kaphethroli masonto onke ukuze bazi ukuthi kwenzekani. Sizokhuluma neLiquid Fuel Wholesale Association ukuzwa ukuthi lokhu kuphawula kwayo kuvelaphi. Sibone kwabezindaba ukuthi ikhathazekile ngokuthi kungase kushode uphethroli,” kusho abomnyango esitatimendeni.
Uthe kule minyaka edlule ubulokhu ugqugquzela ukuba kutshalwe imali kuma-terminal kaphethroli ngesikhathi kuqala kuba nemibuzo ngezikhungo zokuhluza uphethroli.
Ama-terminal yiwona akade elekelela izikhungo zokuhluza uphethroli njengoba enezinqolobane ezinkulu zokuwugcina.
Uveze nokuthi kunezinhlelo ezenziwe yiMozambique neNamibia ukuqinisekisa ukuthi kunophethroli owanele e-Afrika eseNingizimu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusanda kuvalwa izikhungo ezihluza uphethroli ezinkulu eNingizimu Afrika okubalwa iNatref eseSasolburg, eFree State kanti neSapref eseProspecton, eThekwini, imile ukuhluza uphethroli njengoba isafuna abatshalizimali.
Lesi simo senza ukuthi iNingizimu Afrika ithenge uphethroli osuhluziwe kwamanye amazwe njengoba zingekho izinkampani eziwuhluzayo kuleli.