KUKHALWA ngabafundi abaningi abalaxaza imaths, benze imaths literacy njengoba abenza imaths beshaya udaka kulesi sifundo, bethola ngaphansi kuka-60%.
Le nkinga ayibhekene neKwaZulu-Natal kuphela kodwa nezinye izifundazwe.
Ethula isabelomali somnyango wesifundazwe, uNkk Mbali Frazer, uveze ukuthi umnyango kazwelonke uhlonze lo nyaka njengowemaths.
Uthe zonke izifundazwe kumele zizame ukuthi ziphase ngaphezu kuka-60% kulesi sifundo.
Ubalule nokuthi nakulesi sifundazwe ayimihle imiphumela yalesi sifundo njengoba eminyakeni emihlanu edlule siphaswa ngo-50.6% kuya ku-54.6%.
“Sibhekene nengwadla yokuthi siyehla isibalo sabafundi abenza imaths. Nyakenye bangu-38% kuphela abafundi ababenza imaths uma uqhathanisa nemaths literacy yingakho kulo nyaka sizogxila kulesi sifundo.”
Uthe basanda kubamba ingqungquthela ebibheka indaba yokuqinisa nokugqugquzela abafundi ukuthi bathande imaths.
Abafundi abaningi abaphothula umatric bayakhala ngemaths literacy ukuthi ayibasizi ngalutho uma sekumele baye emanyuvesi nasemakolishi njengoba izikhungo eziningi zifuna imaths.
Uthe bawuqale kahle lo nyaka ngemiphumela engu-83% kwa-matric.
Uqhube wathi bafuna ukungatholi ngaphansi kwaleli zinga yingakho bezoba nezinhlelo ezehlukene ukuphucula imiphumela.
“Izikole zizoqhubeka nokubhala izivivinyo ukuhlola ukuthi isabambe ngakho yini. Sizoqhubeka nokucija othisha ngasezifundweni, seseke nezikole.”
Uthe othisha bazoqhubeka bachaze ngemiphumela etholwa ngabafundi.
“Uhlelo lwethu lwalo nyaka wukuthi sinyuse izinga lokuphasa, singatholi ngaphansi kuka-85%. Sifuna ukwandisa izikole ezithola u-100% zifinyelele ku-223 zisuka ku-212.”
Uthe bafuna nokunyusa izinga labaphasa ngama-bachelor, lisuke ku-42.5% liye ku-47.5%.
“Sifuna ukwehlisa izikole ezithola imiphumela esuka ku-40% kuya ngaphansi. Sifuna ukunyusa izinga lokuphaswa kwemaths nesayensi, sinyuse nezinga ezifundweni zobuchwepheshe nalezo ezingama-technical.”
Uthe ujabule ngoba asikho isikole okungaphasanga muntu kusona.
UNkk Frazer uthe ezifundeni ezingu-12, ezingu-11 zazo zakwazi ukuphasa ngaphezu kuka-80%.
“Isifunda uMzinyathi yisona esisilele emuva ngo-79.8%. Sizoseseka lesi sifunda ukuze singene kulezo ezithola ngaphezu kuka-80%.”