UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, ushaqekile ngezinsolo ezibhekene nothisha wasesikoleni samabanga aphansi eMlaza, okuthiwa uboshwe emva kokuthi abazali bemvulele icala lokupansa nokuphulula izinqe zabafundi.
Omunye wabazali uthe batshelwe ukuthi umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, ukufaka isicelo sebheyili, kanti ubingelele le nkantolo ngesonto eledlule emva kokuboshwa. Kushaye isikhathi sokushicelela Isolezwe lingakatholi ukuthi umsolwa uyinikeziwe ibheyili noma cha njengoba kuthiwa ubevelile.
Okhulumela umnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe lezi zinsolo zifika ngesikhathi esibi kusanda kuqala unyaka, kuqhutshwa usiko lokufunda nokufundisa ezikoleni.
“Uma izinsolo ziyiqiniso siyathemba ukuthi inkantolo ilima indima yayo bese kuthi nathi njengomnyango silime eyethu ngokulandela imigudu yangaphakathi emnyangweni. Sizosebenzisa izinhlelo zangaphakathi ukubhekana nezinsolo uma kuqinisekiswa ukuthi lokhu ukwenzile,” kusho uMahlambi.
Ngesonto eledlule, abazali bezingane ezifunda kulesi sikole banikele esikoleni bediniwe befuna uthisomkhulu nezikhulu zomnyango zithathele uthisha izinyathelo. Kuthiwa abazali bamvulele amacala emva kokutshelwa ukuthi izingane zabo, ezineminyaka eko-11, ukuthi uyazipansa kanti kuvele ukuthi yinto osekunesikhathi ayiqala.
Omunye wabazali okhulume neSolezwe uthe kunomunye uthisha wesifazane ofundisa kuso lesi sikole okuthiwa uthethisa abafundi ebagxeka ngokuceba umsolwa.
“Izingane sezifunda kabi. Lo thisha uzibelesela ngokuthi kungani baceba umsolwa ngoba bamqedela isinkwa? Le nto izogcina iziphazamisa kakhulu izingane,” usho kanje.