OSEMBANGWENI wesihlalo sobukhosi bukaZulu, uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, akanelisekile ngesinqumo senkantolo esachitha isinqumo sikamengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Yize inkantolo yavuna uMntwana uSimakade ephuziwini elibalulekile elithinta ukuvuma kukaRamaphosa ukuqokwa kweSilo, uMntwana uSimakade akaneme ngazinye izingxenye zesinqumo senkantolo.
UMntwana uSimakade usefake isicelo sokuba anikezwe igunya lokudlulisela phambili izingxenye ezithize zesinqumo secala elalithethwa eNkantolo eNkulu ePitoli.
UMntwana uSimakade uphikisana namaphuzu ayisithupha esinqumo seJaji Norman Davis esathulwa ngenyanga eyedlule.
La maphuzu aqukethwe esicelweni sikaMntwana uSimakade esibonwe yiSolezwe.
Ephuzwini lokuqala; uMntwana uSimakade ukhala ngokuthi inkantolo ayizange ibeke imibandela okufanele uRamaphosa ayilandele uma eseqoka ikomiti elizophenya umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
UMntwana uSimakade uthe kubalulekile ukuba uRamaphosa abekelwe imibandela azoyilandela uma eseqoka ikomiti elizophenya.
“Umengameli usekukhombise kaningi ukuthi ucheme nommangalelwa wesibili (iSilo). Kubalulekile ukuthi kube nemibandela ezobekwa ukuze ukuqokwa kwekomiti nombiko walo uqobo uzokwamukelwa yibo bonke abantu.”
UMntwana uSimakade ukhala ngokuthi uDavis akazange agcizelele ukuthi kufanele kuqalwe phansi uphenyo ngodaba oluthinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Uvele ukhona umbiko wethimba elaliholwa owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu.
UMntwana uSimakade uthe ufuna nokuthi ikomiti elizoqokwa uRamaphosa liyishaye indiva ingxenye yesinqumo seJaji Mjabuliseni Isaac Madondo, esithi iSilo uMisuzulu yiso esifanelwe isihlalo.
URamaphosa wavuma ukuqokwa kweSilo emva kokuba uMadondo ekhiphe lesi sinqumo.
UMntwana uSimakade uthe amacala ayephambi kukaMadondo ayengathinti umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu, wathi ayethinta amafa eSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
“Emaphepheni engawafaka ecaleni elalilalelwe uMadondo ngangikhuluma ngamafa eSilo, akukho lapho ngikhuluma khona ngombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.”
UMntwana uSimakade ukhale nangokuthi inkantolo ayizange isikhiphe isinqumo sokuthi abahluliwe bakhokhele izindleko zecala.
UMntwana uSimakade uthe unethemba lokuthi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala izovumelana naye kula maphuzu.
URamaphosa naye usawafaka amaphepha aphonsela inselelo isinqumo sikaDavis.
UMntwana uSimakade uthe akanankinga nokuthi isicelo sakhe sihlanganiswe nesikaRamaphosa.