INDODAKAZI kaMntwana waKwaPhindangene, ikhuza amantombazane ukuba ahlukane nokuqoma abafana abayimidlwembe ngoba banodlame, bagcine sebewabulala.
UMntwana uPhumzile Buthelezi, ubekhuluma muva nje, ngesikhathi kunikelwa ngezindlu emindenini yamantombazane abulawe ngamasoka ngaphansi kukaMasipala uMfolozi, KwaZulu-Natal.
Uthe amantombazane amaningi amahle aba ngabagilwa ezigameko zokubulawa, asuke eqome abafana abayimidlwembe.
Phakathi kwemindeni ehlomulile kubalwa owakwaMthalane, owakwaMchunu, nowakwaMthethwa. Kuyo yonke imindeni sekusele omama nabazukulu ngoba amadodakazi abo abulawa ngesihluku, ngamasoka ayethandana nawo.
KwaMthalane umunyu ubumkhulu ngoba indodakazi yabo uNksz Amanda Mthalane, ubezohlanganisa unyaka wagwazwa yisoka lakhe elamhlasela emsebenzini, lambulala.
IMeya yaseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu, ithe banqume ukuthi imindeni bayakhele imizi enesithunzi ukuze igezeke amanxeba osizini ebhekene nalo.
"Lapha ekhaya KwaMthalane, undodakazi wakhona owayesebenza kumasipala wethu ohlelweni lwe-EPWP, washona esethenge izitini ukuze akhele umndeni wakhe imuzi. Yingakho sinqume ukuba sizofaka isandla kulokhu ayezama ukukuqala ukuba simenzele indlu enesithunzi nehloniphekile ngokuyalelwa nguMntwana wakwaPhindangene," kuchaza iMeya uBhengu.