INKANTOLO eNkulu yaseWestern Cape isiyalele uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ukuba aveze obala yonke imininingwane yokudayiswa kwengxenye yeSouth African Airways (SAA).
Izolo, iJaji Nathan Erasmus linqume ukuthi uGordhan kufanele akhiphe yonke imininingwane yokudayiswa kwamasheya awu-51% edayiselwa iTakatso.
Icala belifakwe yiToto Investment Holdings ebifuna kumiswe ukudayiswa kwamasheya eSAA kodwa ijaji lithe ngeke kusenzeka lokho.
Libe seliyalela uGordhan ukuthi akhiphe wonke amaphepha ayimfihlo naziwayo mayelana nokudayiswa kweSAA kungakapheli izinsuku eziwu-20.
Ngempelasonto uMqondisi jikelele woMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Kgathatso Tlhakudi, uye eNkantolo yezabaSebenzi esola uGordhan ngokumsusa ngokungemthetho esikhundleni sakhe.
UTlhakudi uthe uGordhan umsusa esikhundleni sakhe ngenxa yokuthi ufuna ukuqhuba uhlelo lokudayisa amabhizinisi kahulumeni.
Ngempelasonto, uTlhakudi utshele abezindaba ukuthi ukudayiswa kweSAA kwakwenzelwa ukuhlomulisa idlanzana labantu elalikhethwe wuGordhan.
UGordhan uthe uzofaka amaphepha aphikisa izinsolo zikaTlhakudi wathi amaphepha athinta amacala kahulumeni ayiswa ehhovisi lommeli kahulumeni elisePitoli.
UTlhakudi uthe uGordhan wayengahambisi ngendlela efanele ngesikhathi edayisa iSAA kanti ngesikhathi ezwakalisa uvo lwakhe ngalokhu wabe esebekwa uxhaxha lwamacala.
Uthe isivumelwano sokudayiswa kweSAA sagcina sesisayinwa yiphini lomqondisi jikelele, uMnuz Jacky Molisane, ngoFebhuwari 22, ngesikhathi yena esekhefini lokugula.
Usole uGordhan ngokuhlomulisa abasondelene naye nokungahloniphi imithetho yokusebenza kwemali kahulumeni.
UTlhakudi wamiswa emsebenzini ngoJuni, emuva kokuthi iPublic Service Commission ilunywe indlebe ngumuntu ongaziwa ngokungaziphathi kahle kwakhe.
Yize emisiwe kodwa uyaqhubeka nokuhola.
Owaluma indlebe iPublic Service Commission wasola uTlhlakudi ngokuphendlela umngani isikhala somsebenzi yize eyangenaso isipiliyoni neziqu zokuba sesikhundleni esiphezulu.
UTlhakudi uthi uGordhan wambizela emhlanganweni ngoMeyi 3, kulo nyaka, emtshela ngokutholwe yiPublic Service Commission, wabe esethenjiswa nokuthi udaba lwakhe luzoxoxwa kungakapheli izinsuku eziwu-10. Icala lakhe lizolalelwa enkantolo yabasebenzi ngo-Okthoba 11.