IYINDABA egudwini emalungwini ebandla uMbuso wabaNgcwele, eyokuxoshwa kwabakhongi abebethunyelwe ngumfundisi wesonto ekhweni eliseSanyongwana, eMzimkhulu.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, uMfundisi Thulasizwe Myaka (57), uthumele abakhongi ngesonto eledlule kwaNzama, beyolobola uNksz Snenhlanhla Nzama (36). Nyakenye ngoNovemba ubebathumile ukuba bayolobola udadewabo kaSnenhlanhla, uNksz Noluthando Nzama (32).
Kuthiwa isenzo simdine kakhulu uMnuz Mpiyakhe Nzama (62), onguyise wamadodakazi, ovele wabaxosha abakhongi. Kuthiwa ulimise ngesihloko elokuthi ngeke adlale umfundisi aqhathe amadodakazi akhe.
Ethintwa uMnuz Nzama, ubhoke ngolaka wathi akathandi ukukhuluma ngodaba. Uthe akwaziyo ukuthi akekho umuntu wesilisa ayomvumela ukuba awathathe womabili amadodakazi akhe.
Umthombo opotshoze udaba uthe umfundisi waqala wathandana noSnenhlanhla kodwa wagcina esethandana noNoluthando, waze walobola yena kuqala.
Lokhu kuthiwa kwabadida abakwaNzama kodwa basale sebewathatha amalobolo kaNoluthando. Lesi senzo sisuse uthuli lwezichwe phakathi kwamadodakazi akwaNzama.
Ngenkathi iphephandaba lithinta umfundisi wasabisa ngokuthi uma udaba lushicilelwa uzoludlulisela kubameli. Ubuze ukuthi ingenaphi empilweni yakhe?
UNoluthando uvele wababaza uma ezwa ukuthi ukhuluma nentatheli. Uthe ubengaqondile ukumzwisa ubuhlungu udadewabo ngokuthandana nomfundisi. Wavala ucingo ekhala ngokuthi akathandi ukwenaba ngodaba ngoba luyamhlukumeza.
USnenhlanhla ulimise ngesihloko elokuthi akasemethembi udadewabo. Wathi nomfundisi akasamethembi futhi akasazimisele ngokuqhubeka nokuthandana naye.
Okhulumela ibandla lamaZayoni, uMfundisi Zakhele Nxumalo, uthe ngeke baphawule ngodaba lwangasese lukamfundisi.
Umfundisi ulobola nje, kuvela ukuthi umkakhe wokuqala sewadlula emhlabeni ngemuva kokubulawa ngabantu abangaziwa ngo-2021, abamdubula esendleleni eya eXobho.