UMNDENI wakwaMpanza emaBuyeni eSikhaleni, ufuna ubulungiswa ngendodana yawo, okusolwa ukuthi yadutshulwa yabulawa iphoyisa.
UNdumiso Mpanza, 29, kusolwa ukuthi wadutshulwa wabulawa yiphoyisa ngomhlaka 7Febhuwari. Ngelanga lesehlo kubikwa ukuthi umufi waphuma ekhaya ebusuku ehamba ngemoto nabafowabo beyothenga utshwala. Endleleni bahlangana namaphoyisa, abavimba ngenhloso yokubasesha. Kubikwa ukuthi umufi waphuma emotweni wabaleka, nokuyilapho athola khona ukudutshulwa ngesibhamu sohlobo lwe R5, washonela endaweni yesigameko.
“Ngizwa ubuhlungu kakhulu emoyeni wami ngengane yakwethu encane kangaka. Ebusuku baphuma ngemoto ishayelwa nguye umfowethu. Bathe besendleleni bavalwa amaphoyisa amisa imoto. Yena ngokwethuka ebona kuthi uzoboshwa ngoba eshayela ephuzile, kuthiwa waphuma wabaleka. Yilapho-ke elinye lamaphoyisa livele lavulela ngenhlamvu, kubeka udadewabo kamufi, uNksz Thandeka Mpanza.
Eqhuba, uthe bafuna izimpendulo ngokubulawa komfowabo. Uveze nokuthi isimo sinzima njengoba umfowabo eshiye ngemuva izingane ezintathu ezisencane. Okubakhalisa kakhulu, ukuthi selokhu kubulawe umfowabo akukho okusha okuqhubekayo ngophenyo abakuthola emaphoyiseni.
Bagcina ngokutshelwa ukuthi icala livuliwe luphenywa uphiko oluphenya ukusebenza nokuziphatha kwamaphoyisa i-IPID. Okubakhathaza kakhulu ukuthi iphoyisa elithintekayo alimisiwe lisaqhubeka nokusebenza.
“Kanti sovikelwa ngobani uma sibulawa amaphoyisa emakhaya ethu? Siwumndeni wakwaMpanza sicela ukubona ubulungiswa liboshwe leli phoyisa elibulele umfowethu. Ngikhuluma nawe nje, ushiye izingane zakhe ezintathu ezisencane nomama wazo.
“Ngendlela abenze ngayo ngathi bathole isigebengu ebesifunwa esiyingozi. Ingane kamama ibiwumuntu ozithobile obahloniphayo abanye abantu ayikaze ibe isigebengu,” kubalisa uThandeka.
Okhulumela abophiko oluphenya amaphoyisa i IPID, uLizzy Suping, uthe lolu daba lusaphenywa.
“Lolu daba ongithinta ngalo yebo lusezandleni ze IPID. Lisengaphansi kophenyo alukaphothulwa. Umphumela wophenyo uzokwethulwa ezinhlakeni ezifanele uma seluphothuliwe icala,” kubeka uLizzy Suping.