UPHITHENE amakhanda umndeni obanga isidumbu sendodana nabasekhweni, abathi bazozingcwabela bona umkhwenyana.
Kubikwa ukuthi umufi, uMnuz Skhosiphi Khanyile (49) waseNkomokazi, eMbumbulu, ubehlala ekhweni Ezingolweni, ePort Sheptone ngesikhathi esaphila.
Bese kuphele iminyaka engasalubhadi kubo kodwa ubexhumana nomndeni wakhe okuthiwa ubuvinjwa ekhweni lakhe uma uthi uyobona ilungu lawo ebelixinwe wukugula.
Umufi nenkosikazi yakhe, uGugu MaMbili Khanyile, kubikwa ukuthi nangesikhathi beshada, awumenywanga umndeni kaSkhosiphi.
Kubikwa ukuthi amakhandlela okuzilela uKhanyile akhanyiswe ekhweni lakhe kwaMbili.
Udadewabo kamufi, uNksz Busiswa Khanyile (38), ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto, uthe umndeni udidekile futhi usamangele ngesenzo sabasekhweni.
Uthe uyaqonda ukuthi unkosikazi kamfowabo nguye onelungelo lokuhlela umngcwabo kamfowabo kodwa angakuqondi wukuhlehliswa komndeni wakhe.
Uthe kuyabadida ukuthi kungani umndeni wasekhweni uphikelele ekutheni ungcwabe umfowabo emalibeni akubo kamakoti.
Ngokusho kwakhe, uthe bona njengomndeni bebezimisele ngokuthi angcwatshwe eMbumbulu umfowabo hhayi emathuneni akomunye umndeni.
"Yinto esingakaze siyibone le eyenziwa ngabasekhweni. Umakoti sizamile ukukhuluma naye nonina kodwa abafuni nhlobo ukusilalela. Omalume bagibelile baya eZingolweni kodwa ingxoxo ayiphethanga kahle njengoba beze bahamba ekhweni ngoba imindeni ingaboni ngaso linye," kusho uNksz Khanyile.
Eqhuba, uthe indlela abacasuke ngayo abantu basemndenini wakubo, sebethathe isinqumo sokungazixaki ngokuya emngcwabeni.
"Wake wezwa kuphi kuthiwa umyeni ukhanyiselwa amakhandlela ekhweni? Ungcwatshwa kanjani emalibeni asekhweni? Indlela abasilwisa ngayo abantu bomndeni wakwaMbili ungaze ufunge ukuthi kunezigidi zemali ebangwayo," kusho udadewabo kamufi.
Uqhube ngokuthi bona kabafune msindo kodwa bafisa ukungcwaba umfowabo ngesizotha, emathuneni akubo.
Uthe abantu abanenkani ngumakoti nonina abashaya phansi ngonyawo.
Umufi kubikwa ukuthi bese kuphele iminyaka engumshayeli wamatekisi futhi azikho izimali azishiyile.
Ethintwa unkosikazi kamufi, uGugu Khanyile, utshele intatheli ukuthi uzobuyela kuyo.
Kwale noma isimkhumbuza ngodaba imthumelela umyalezo ocingweni lwakhe. Imiyalezo athunyelelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engayiphenduli.
Nakwenye inombolo yelungu lomndeni eliphendule ucingo ngesikhathi kufonwa kulo, ugcine engatholakalanga njengoba ilungu lomndeni wakhe lethembise ukuthi uNkk Khanyile uzoyithinta.
Isazi samasiko, uMnuz Sihawu Ngubane, uthe ukungcwatshwa ngokosiko yinto ebucayi nedinga ukuthi uhlelo lwenziwe ngokucophelela.
“Imikhuba yokungcwaba ayifani futhi umnumzane wekhaya akakwazi ukungcwatshwa ekhweni. Nalo owesifazane oganile akufanele angcwatshwe kubo ngoba usengowasemzini.
“Uma kuganiselwana kuhlanganiswa amadlozi kodwa lokhu akuchazi ukuthi indoda ingcatshwe ngohlelo lwasekhweni,” kusho uNgubane.