UBUKHAHLELE wabuhlikiza ummeli womunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa ubufakazi bokuthi kwahlasela amadoda amabili ngesikhathi lesi sihlabani sibulawa ngokudutshulwa.
UBUKHAHLELE wabuhlikiza ummeli womunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa ubufakazi bokuthi kwahlasela amadoda amabili ngesikhathi lesi sihlabani sibulawa ngokudutshulwa.
Ummeli kaMnuz Sifisokuhle Ntuli ongummangalelwa wesihlanu kuleli cala, uAdvocate Zandile Mshololo, utshele inkantolo ngoLwesine ukuthi akukho muntu owahlasela, kodwa umuntu owabulala uMeyiwa wayephakathi kwabantu ababesendlini.
Ukusho lokhu ngesikhathi eqhubeka ngokupheka ngemibuzo ufakazi woMbuso uTumelo Madlala, ongumngani kaMeyiwa, ongomunye wababesendlini ngosuku lwesigameko.
UMadlala watshela inkantolo ukuthi bahlaselwa amadoda amabili ayehlomile kubo kaKelly Khumalo eVosloorus, eGoli, baphucwa omakhalekhukhwini ngaphambi kokuthi kudutshulwe uMeyiwa.
UMadlala uthe akabonanga ukuthi ngubani owadubula ngoba yena wabaleka wayocasha ekamelweni.
Uthe umnyango wazikhiya, waze wavulelwa ngomunye wababesendlini uMeyiwa esedutshuliwe.
“Ngingabe ngikhuluma iphutha uma ngingathi ngiyazi ukuthi kwadutshulwa kangaki.Angizange ngibale ngoba ngesikhathi kudutshulwa okokuqala kwaba sengathi izindlebe zami ziyavaleka, Ingakho ngabaleka ngayocasha ekamelweni, ukuthi kwenzekani, ngeke ngikutshele,“ kusho uMadlala.
UMshololo uthe uMadlala ungomunye wabantu abazama ukufihla okwenzeka mhlazane uMeyiwa ebulawa ngomhla ka 26 Okthoba 2014.
Uphinde wambuza ukuthi ngabe wayewuphethe yini umakhalekhukhwini wakhe ngesikhathi ezivalele ekamelweni, uMadlala wavuma kodwa wathi wawufihla ngaphansi kwezingubo zokulala.
“Akuzange kungifikele. Kulula ukuthi ungibuze lowo mbuzo, nokuthi usho kanjalo uma isigameko sehlele omunye umuntu kodwa uma kwenzeka kuwe ingqondo iyama, yinye into eyayisengqodweni yami, ukufa nokuthi ngizophuma kanjani,“ kuchaza uMadlala.
Emumpintshela ekhoneni mayelana nokuthi kungani engawathintanga amaphoyisa, uthe akuzange kumfikele ukuthi afonele amaphoyisa.
Kulalelwa lobu bufakazi nje, abezindaba abebekade bevalelwe ngaphandle kulandela ukuxoshwa kwabo ngoLwesithathu njengoba kuqhubeka ukulalelwa kwecala, baphinde bavunyelwa ngaphakathi ngaphansi kwemibandela yokuziphatha kahle.
IJaji uTshifhiwa Maumela libaxoshe bonke abezindaba ngoLwesithathu ngezikhathi zantambama kulandela ukuvela kokuthi kukhona oyedwa wabo oveze ubuso bukaMadlala yize inkantolo yayibeke umthetho wokuthi angavezwa.
UMaumela uthe kube nesimo esingafanele esiholele ekutheni ukuqulwa kwecala kuqhubeke ngaphandle kokuba khona kwabezindaba, wathi unethemba lokuthi isigameko saloluya hlobo ngeke sisaphinde senzeke ngoba akafuni kube khona ukuphazamiseka kwecala.
“Siyibekile imigomo efanele ukuze leli cala liqhubeke kahle ngaphandle kwezinkinga,” kusho uMaumela.
Ugcizelele ukuthi ngeke kusavunyelwa ukuthathwa kwezithombe noma yikanjani ngesikhathi kuqhubeka icala.