UKHALA ngokuphazamiseka athi kubonakala kubhimbisa izinto eziningi ecaleni likaSenzo Meyiwa, umhlaziyi wezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala.
Uthe lobu buhixihixi buzodala ukuthi umndeni kaMeyiwa uphuze ukuthola ubulungiswa ukuze kuphetheke lesisigaba esibuhlungu sempilo yabo.
UZikalala ubexoxa neSolezwe mayelana nokuqhubeka kuleli cala elingundabuzekwayo. Ubalule umthelela omubi wokulokhu kuhlehliswa leli cala izikhawu eziningi, wathi umndeni wakwaMeyiwa kubukeka usekude ukuthola ubulungiswa uma kuqhubeka kanje.
Ngakolunye uhlangothi, uthe kubalulekile ukuthi ummeli omusha anikezwe isikhathi sokuthi abuyekeze ubufakazi osebethulwe phambi kwenkantolo.
“Okubi wukuthi kusengenzeka ukuthi ummeli omusha angagculiseki ngendlela okuphonswe ngayo imibuzo ofakazi bese ecela ukuqala phansi ababize ngaphambi kwenkantolo ukuze ababuze imibuzo abona ukuthi yasala noma ayizange ibuzeke ngendlela efanele,’’ kuchaza uZikalala.
Uphawule nangokumosheka kwemali nesikhathi sabasolwa abangathinteki ekushintshweni kwabameli ngoba ngaso sonke isikhathi uma kuvelwa enkantolo basuke bekhokhile, ekugcineni bese kuhlehla icala. UZikalala uphawule nangesigameko esaba yindaba egudwini sokuboshwa kowayemele abasolwa bokuqala kuya kowesine, u-Advocate Malesela Teffo ngaphakathi enkantolo.
“Ngikholwa wukuthi kwakungafanele ukuthi uTeffo aboshelwe ngaphakathi enkantolo. Thina sazi ukuthi inkantolo yindawo ehloniphekile okungafanele kwenzeke noma yini kuyona. Okungenani kwakufanele bamlinde aphume bambophele emotweni,’’ kuchaza uZikalala.
Mayelana nendlela iJaji uTshifhiwa Maumela asingathe ngayo okwenzeka enkantolo, uZikalala uthe yileyo asuke eyibona ifanele njengomuntu onegunya lokwengamela konke okuqhubeka enkantolo. Ubabaze indlela okusingethwe ngayo udaba lwamadokodo amabili ecaleni elilodwa. Uthe uyakweshwama ukuthi kuzoqala kuthethwe icala kusetshenziswa idokodo elisenkantolo njengamanje kuyima kudlulelwa kwelesibili.
Uthe ngendlela awuqonda ngayo umthetho ezimeni ezifana nalezi, lapho icala elilodwa lisuke linamadokodo amabili, bekumele kubuyekezwe zonke izitatimende zofakazi, kubhekwe ezifanayo nezingefani kuhlanganiswe kube yidokodo elilodwa.
“Uzothola kunofakazi owethula ubufakazi ngendlela yokuthi uzama ukugwema ukuthi aboshwe. Yikho kanye loku esikubona kwenzeka enkantolo futhi singakulindela nakofakazi abazolandela,’’ kuchaza uZikalala.