OLINGISA emdlalweni Uzalo, ufundisa abantu abasha ngobuhle, nobubi bokusebenzisa izinkundla zezokuxhumana.
UBongani Dlamini, odlala indawo kaMkhonto kuZalo uqale umkhankaso wokuvakashela abafundi ezikoleni KwaZulu-Natal.
Yilapho ebaluleka khona ngezinkinga ezidalwa ukubhala izinto ezibucayi ezinkundleni zokuxhumana nokuthi bangazisebenzisa kanjani ukuze bazithuthukise
Uthe sekunesikhathi enesifiso sokwenza lo mkhankaso kodwa engaphumeleli ngenxa yokushoda kwemali, kwaze kwaba inkampani yakhe iMayibuye i-Afrika, ibambisana nePlayhouse ukuze uqale umkhankaso.
"Izinkundla zokuxhumana ziyithuluzi elihle elisenza sixhumane kodwa uma lisetshenziswe kabi lidala izinkinga ezikhulu. Kubafundi likhanda amabhoklolo ahlukumeza abanye esebenzisa zona izinkundla zezekuxhumana, kukhona abafundi abanokhwantalala nengcindezi ngenxa yezinto ezibhalwe ngabo kuzo izinkundla zezokuxhumana. Kwesinye isikhathi kuba nezimpi ezikoleni ngenxa yokuthi kusuke sekukhona abafuna ukuziphindiselela kwabanye ababhale izinto ezimbi ngabo.
“Ngakolunye uhlangothi izinkundla zezokuxhumana zenza ukuthi abantu abasha, ikakhulu abafundi babuke izinto ezenziwa kwamanye amazwe bese bengena ezintweni abazenzayo bethi baqopha umlando. Uthole ukuthi lezo zinto ziyingozi. Bazenze ngoba befuna ukuthi abakubhalile kubukwe ngabantu abaningi. Bakhohlwe ukuthi zona izinkundla zokuxhumana bangazisebenzisela ukuxazulula izinkinga zabo nokuthi abakubhalayo kungabavimela amathuba ngoba ezinye izinkampani ziqale zibheke ikhasi lakho lezinkundla zezekuxhumana ngaphambi kokuthi zikuqashe," kuchaza uDlamini.
Uqhube wathi kunabafundi abaphilela ukushutha izithombe zabo becula, bedansa kube sengathi konke kuhamba kahle empilweni. Kanti bafihla izinkinga ezinkulu ababhekene nazo emakhaya nezinselelo ezikoleni.
"Uma abafundi bengasebenzisa zona izinkundla zokuxhumana ukuze bafundisane, belulekane ngezifundo nangemikhakha abayifundelayo kuningi okungashintsha empilweni yabo. Njengamanje kunabafundi asebesaba ukuya ezikoleni ngenxa yezinto ezibhalwa ngabanye abafundi ngabo ezinkundleni zezokuxhumana. Njengamanje kunemithetho evikela ukuthi abantu basakaze ulwazi ngomuntu ngaphandle kwemvume yakhe. Abanye abawazi lowo mthetho ongabenza bagcine sebeboshwa. Yingakho ngithe angisukume ngilekele," kusho umlingisi.
Selokhu eqalile ezinyangeni ezintathu ezedlule, uDlamini uthe usehambele izikole ezingu-38, ezinye zisezifundeni uMkhanyakude, eThekwini, eMajuba, eKing Cetshwayo naseHarry Gwala.