MLUNGISI GUMEDE
U ZIBONA ebhekene nenselelo enzima uNobhala omusha we-Cosatu KwaZulu-Natal ongene endaweni kaMnuz Zet Luzipho.
Engxoxweni ekhethekile ne Solezwe izolo, uMnuz Edwin Mkhize (41) osanda kukhethwa njengoNobhala omusha we-Cosatu esifundazweni, uthe uyazi ukuthi kulindelwe lukhulu kuyena njengoba engena esikhundleni somholi obesezakhele igama futhi esebenza ngokukhulu ukuzikhandla.
UMkhize owazalelwa eMzumbe kodwa manje osehlala KwaNdengezi, uthe unethemba lokuthi amava anawo acele eminyakeni engamashumi amabili azomsiza kakhulu ekwenzeni umsebenzi wakhe ngempumelelo.
Lo mholi oneDiploma kwi-Labour Economics, ne-Political Studies ne-degree kwi-Bachelor of Social Science usebenze njenge-shop stewart iminyaka engaphezu kuka-15, waphinde waba yiPhini likaSihlalo we-Samwu esifundazweni amahlandla amabili, ngaphandle kwalezi zikhundla uke waba futhi nguNobhala we-Cosatu ePinetown iminyaka emihlanu.
Uyivumile inselelo abhekene nayo.
“Izinyunyana ezingaphansi kwe-Cosatu yizona ezingiphakamisile, kusho ukuthi kukhona ezikubonile kimina zabe seziyangithemba zingifaka kulesi sikhundla,” usho kanje.
Uthe wonke umholi unendlela ahola ngayo abantu, wengeza ngokuthi okunye okubuye kusize ukuthi kusetshenzwa ngokubambisana.
“UMnuz Luzipho naye ubengasebenzi yedwa kodwa bekukhona ithimba akade ebambisene nalo kodwa njengoNobhala bekuba nguyena owenza izitatimende waze wagcina esengubuso be-Cosatu KwaZulu-Natal,” usho kanje.
UMkhize uthe akafuni ukuthi abantu babuke yena bese bemqhathanisa nomunye umuntu.
“Ngizimisele ngokusebenza kanzima futhi ngibambisane nobuholi ukuze sikwazi ukuqhuba izinhlelo zomfelandawonye wezinyunyana,” usho kanje.
I-Cosatu KwaZulu-Natal ibe nengqungquthela eyisipesheli ukuze ikhethe uNobhala omusha ngemuva kokuhamba kukaLuzipho manje esezoba nguSihlalo wekomiti lezokuMbiwa phansi nezaMandla kuzwelonke.
UMkhize uthe bayambongela uLuzipho ngokuqokelwa kulesi sikhundla esisha, wengeza ngokuthi lokho kukhombisa ukuthi uyakhula emsebenzini wakhe.
“Sifuna futhi ukumbonga uhulumeni oholwa yi-ANC oqaphele ithalente kuLuzipho wabe usumnika umsebenzi esingangabazi ukuthi uzowenza ngenkulu impumelelo,” usho kanje.
Uthe bazibophezele ekutheni balwele izimfuno zabasebenzi baphinde benze isiqiniseko sokuthi baqinisa zonke izinhlaka zezinyunyana ezingaphansi komfelandawonye wabo.