USABALALE nezifundazwe eshayela isipikili sokugcina uDkt Zweli Mkhize, ophakanyiselwe esikhundleni sokuba ngumengameli we-ANC, azosibanga engqungqutheleni yokukhetha ubuholi.
Kulindeleke ukuthi uMkhize atholane esitikini noMnuz Cyril Ramaphosa, ongumengameli wenhlangano njengamanje, ofuna ihlandla lesibili.
I-ANC esineminyaka ewu-110 yasungulwa, izobe inengqungquthela yayo ka-55 yokukhetha ubuholi, ebhekwe ngabomvu.
UMkhize noRamaphosa yibona kuphela abathole amavoti abavumela ukuthi bangenele umbango wesikhundla.
Izolo uMkhize uqale esifundazweni iKwaZulu-Natal, wahambela izifunda ze-ANC, iTolomane Mnyayiza nesifunda iNkosi Bhambatha.
Izolo ubuye wayokwethula inkulumo engqungqutheleni ye-ANC Youth League ebivulwa eDurban Exhibition Centre, eThekwini.
Namuhla uMkhize kulindeleke ukuthi akanise eFree State, lapho eyoqhuba khona umkhankaso wakhe. Kusasa kulindeleke ukuthi ayohlangana nabaholi bezenkolo eThekwini ekuseni.
Asuke lapho aphikelele eSoweto, lapho eyoxoxisana namanye amalungu enhlangano. UMkhize, odabuka eWillowfontein, KwaZulu-Natal, uwungenela okwesibili umbango wesikhundla sikamengameli njengoba nango2017 wayezamile inhlanhla, wabuye wahoxa ngasekugcineni.
Uyinkunzi eluvava kwezepolitiki futhi usesigungwini esiphezulu senhlangano, uke waba wungqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke. Ngaphambi kwalokho wake wahola i-ANC KwaZulu-Natal, waba nawundunankulu wesifundazwe. Uke waba wumgcinimafa jikelele we-ANC kuzwelonke.
Khonamanjalo kuvele nokuthi umbiko weKomiti lezobuQotho kwi-ANC ngodaba lwePhala Phala uzokwenekwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eNasrec.
Umbiko wePhala Phala udalele uRamaphosa ingcindezi enkulu njengoba kukhona abathi akehle esihlalweni.