I-ANC KwaZulu-Natal isijube owayengundunankulu wakulesi sifundazwe, uDkt Zweli Mkhize, ukuba axazulule umdonsiswano ophakathi kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Lokhu kuvezwe ngunobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, esitatimendeni esikhishwe izolo.
UMtolo uthe baqoke ukujuba uMkhize ngenxa yokuthi unobudlelwano obuhle neSilo uMisuzulu, iSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu noButhelezi.
“UButhelezi naye angakufakaza lokhu esikushoyo. Kubalulekile ukuthi sikuveze ukuthi lo msebenzi awunikiwe uwenza ngenhlonipho. Uyaqhubeka nokubamba imihlangano yangasese, akalokhu ehamba elukhuluma esidlangalaleni lolu daba.”
NgeSonto kuphinde kwagqama uqhekeko phakathi kwehhovisi leSilo noButhelezi.
Lokhu kuza emva kokuthi laba bekhiphe izitatimende ezishayisanayo ngokudunguzela kweSilo.
UButhelezi uveze ukuthi iSilo siyelashwa esibhedlela esiseSwatini, wathi kusolwa ukuthi sidle ushevu kulandela ukushona isigubhukane kwenduna, uMnuz Douglas Xaba, obeseduze neSilo.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Africa Zulu, ukuchithile lokhu wathi iSilo siwumqemane, futhi asikho esibhedlela.
Lo mdonsiswano uqale ukugqama ngesikhathi kuqokwa usihlalo omusha weNgonyama Trust, Inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela.
Kunemibiko yokuthi uButhelezi wayefuna ukuthi kuqhubeke, iJaji uJerome Ngwenya, kulesi sikhundla.
UMtolo uthe banethemba lokuthi lezi zinkinga zizoxazululwa ngokushesha.
“Sekunesikhathi eside silokhu sikubalekela ukukhuluma ngezindaba ezithinta iNdlunkulu kwabezindaba. Lokhu besikwenza ngoba siyayihlonipha iNdlunkulu futhi besinethemba lokuthi izinkinga zizoxazululwa maduze.”
UMtolo uthe bazosebenzisana nezinhlaka ezahlukene ukuxazulula izinkinga ezibhekene neNdlunkulu.
I-ANC iphinde yagxeka isitatimende esikhishwe yiMeya kaMasipala waseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ebesigxeka ukuziphatha koMntwana u-Africa.
Esitatimendeni, uThulasizwe ukhale ngokuthi uMntwana u-Africa akamhloniphi uButhelezi.
“Njalo uhlezi eqophisana noButhelezi. Lokhu ukwenza ngamasibomu, uthunywe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal. UButhelezi usebe nguNdunankulu kaZulu isikhathi eside futhi lo msebenzi uwenze ngokukhulu ukuzimisela. Abazama ukumqumba phansi behluleka. Ngixwayisa uMntwana u-Africa ukuba awuyeke lo mkhuba.”
Omunye ogxeke ukuziphatha kukaMntwana u-Africa, usotswebhu we-NFP kwisifunda iZululanda, uMnuz Siphamandla Ntombela.
UNtombela uthe sebekuqaphelile ukuthi uMntwana u-Africa usejwayele ukuqophisana noButhelezi.
“Sizocela ukuthi ibamba bukhosi lesizwe sakwaButhelezi licele umhlangano nabaNtwana abadala baseNdlunkulu ukuze sizwe ukuthi bathule bathini uMntwana u-Africa ekhwela edilika kuButhelezi.”
UMtolo ukuphikile ukuthi uMntwana u-Africa usetsheniziswa ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
UMtolo usole uButhelezi (Thulasizwe) ngokuphehla udweshu.