BASABELE ekhweleni leSilo uMisuzulu kaZwelithini lokuthi kuqiniswe imikhankaso yokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Inhlangano i-The Goodmen Foundation, ngokubambisana nezinhlaka ezihlukene, basabele ekhweleni leSilo uMisuzulu kaZwelithini, ekutheni kuqiniswe imikhankaso yokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Le nhlangano ebhekele ukweluleka nokufundisa abantu besilisa ngendlela eqotho yokuziphatha, ihlele ukhukhulelangoqo wembizo yokuqwashisa ngalesi sihlava, ezoba seHollywoodbets Kingsmead Stadium, eThekwini ngoMgqibelo, okulindeleke ukuthi uhanjelwe abantu abevile ku-15 000.
Lo mkhankaso okuthiwa uhlelwe ngokubambisana ngabakwaSpar Group, abakwaMultichoice, Ukhozi FM, iMaskolo Foundation, Isibaya Community Trust, inkampani yezimoto iBidvest MacCarthy Volkswagen, iKwaZulu-Natal Christian Council noHulumeni wesiFundazwe, kuthiwa uzoqala ngemashi ezosuka ePaki iKing Dinuzulu iphelele khona eHollywoodbets Kingsmead Stadium okuzoba khona lo mcimbi.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba kule nkundla yezemidlalo izolo, umengameli owumsunguli wale nhlangano, uMnuz Simangaye Xaba, uthe nakuba lo mcimbi uhlelwe ngabesilisa kodwa nabesifazane bamukelekile ukuthi babe yingxenye yawo.
“Kubalulekile ukuthi sigcizelele ukubaluleka kwabantu besifazane nendima abayidlala emindenini yethu. Bangodadewethu, omama, izingane no-anti bethu. Silindele ukuthi phakathi kwabazobe beyingxenye yalo mcimbi, kube khona amabutho.
“Lo mkhankaso uzobe umayelena nokuvikelwa nokubuyiswa kwesithunzi sabantu besifazane,” usho kanje.
Kuqala lo mkhankaso nje, kuzobe sekusele isikhathi esingangesonto elilodwa kuqalwe imikhankaso yezinsuku ezingu-16 yokuqwashisa ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, eqala ngoNovemba 25 iphele ngoDisemba 10.