UMKHANDLU olawula othisha kuleli, iSouth African Council for Educators’ (SACE), usuxwayise labo abathatha amashansi ngokuthi bazame ukubhalisa ngeziqu zokufundisa ezingumkokotelo ukuthi uzobabamba.
Lo mkhandlu uthe unezinhlelo eziqinile zokubamba labo abasuke bethatha amashansi ngeziqu ezingekho emthethweni njengoba ukuze ukwazi ukufundisa kuleli kumele ubhalise kuwona.
Obhekele ukubhaliswa kothisha kwiSACE, uNksz Yvonne Lechaba, uthe baningi abatheleka emahhovisi abo bezozama ukuzobhalisa ngeziqu zomgunyathi.
Uthe baningi asebekhalelwe amasongo kaSigonyela, wathi laba basuke bethole lezi ziqu kubantu abazenzayo.
“Sikhipha lesi sixwayiso emva kokuboshwa kowesifazane ona-41, ngamaphoyisa aseLyttelton. Ambophe emahhovisi ethu ekomkhulu eCenturion, eTshwane. Ufike nesitifiketi esingumgunyathi, zamkhalela.”
Uthe lesi sehlakalo senzeke ngoMsombuluko, wathi uzame ukubhalisa ngesitifiketi sePost-Graduate Certificate in Education (PGCE).
Uthe kukhona nomunye obese kusele kancane ukuthi athole isitifiketi sakhe sokuthi usebhalisile ehhovisi elise-Eastern Cape, naye obelethe iziqu zomgunyathi.
“Uboshwe emva kokuletha iDiploma yokufundisa engumgunyathi esehhovisi lethu. Sisebenzisana namaphoyisa kanjalo nezinye izinhlaka ukubamba labo abazama ukubhalisa ngezinto ezingumgunyathi.”
Uthe banohlelo abalusebenzisayo lokuhlola zonke iziqu ezilethwayo ukuthi zisemthethweni yini.
“Sinxusa abangenazo iziqu ezisemthethweni ukuthi bangazami ukubhalisa ngezomgunyathi ngoba sizobabamba. Umuntu akeze neziqu anesiqinisekiso ukuthi zingu-ngqo.”
Ukuze ukwazi ukubhalisa kumele ulethe isitifiketi esivela emaphoyiseni i-police clearance. Amaphoyisa kuphela akwazi ukukhipha lesi sitifiketi kanti kuthatha cishe amahora angu-48 ukusithola.
Akuqali ukuthi kubanjwe abebezama ukubhalisa ngeziqu zomkokotelo ehhovisi elisCenturion, njengoba nangoMashi, kukhona owesilisa owabanjwa eqotsheni ezama ukubhalisa, waboshwa.
Minyaka yonke, lo mkhandlu uhlale uxwayisa othisha ukuthi bangafundisi ngeziqu ezingekho emthethweni.