UTHUKUTHELE uyaveva usonhlalakahle osola umphathi wakhe ngokummisa emsebenzini ngoba enqabe ukuzitika ngocansi naye. UNkk Nokuthula uMaNdiyane Ngcobo waseLindelani eThekwini, uqophe i-video maqede wayisabalalisa kwiFacebook. Kule nkundla yokuxhumana uNkk Ngcobo ukhala ngokuthi ubhuquza ekhaya nomyeni wakhe ngoba engavumanga ukubhabhabala ocansini, umphathi weMuthande Society for the Aged, uMnuz Sifiso Hlubi emfuna ocansini emahhovisi ayo aseLamontville.
UNkk Ngcobo uthe waqala ukuhlukunyezwa ngokocansi nguHlubi besasebenza emahhovisi ayesedolobheni.
"Bengilokhu nginganaki ngoba bengizitshela ukuthi uyadlala. Ngize ngaqala ukuqaphela ngoDisemba 2021 ngesikhathi efika emsebenzini edakiwe, enuka utshwala phu.
Wathi mina naye singenza noma yini. Sesingathandana, sibe nesikhathi esisichithayo mina naye kodwa asikho isidingo sokuthi kwazi umyeni wami." UNkk Ngcobo uthe wamchitha uHlubi kulo womqondo wokuba bajole kodwa uHlubi waqhubeka ethi nabanye abantu besifazane bayakwenza lokho.
"Wathi iyenziwa le nto kodwa ngigade ngingabanjwa. Ngathi mina inkolelo yami ayihambisani nokuthi ubhangqe umuntu othandana naye, ikakhulukazi osushade naye." UNkk Ngcobo uthe kusukela ngalelo langa akuphindanga kwaba nokuzwana phakathi kwabo, uHlubi ubesemhlukumeza.
Uthe ngalonye usuku wamphoqa ukuba ahambe yedwa ebusuku, asuke kwakhe ayolanda amaphepha eClermont kodwa kwanqaba umyeni wakhe. Eqhuba uthe akugcinanga lapho kodwa ummisile emsebenzini ngoba esuke wayothekela ulwazi enhlanganweni abasebenzisana nayo yamaSulumane.
Uthe uphucwe imoto futhi wamiswa emsebenzini. Ucele kungenele noma wubani ukuze kwenzeke ubulungiswa kulolu daba ngoba ngeke avume ukuphingela umyeni wakhe, ukuze agcine umsebenzi. UNkk Ngcobo udalule ukuthi abavuma ukuzitika ngocansi noHlubi baphila buthebelele.
Ethintwa uHlubi ukuze aziphendulele ngalolu daba, wenqabile ukuphawula.
"Lolu daba selusezithebeni zebhodi, ngakho konke okuphathelene nalo sekukhulunywa nosihlalo wenhlangano,“ usho kanje.
Ongusihlalo webhodi, uMnuz Sifiso Gwala uthe kuningi okwenzeka ngaphakathi kwaMuthande angeke akuphawule entathelini njengoba ingumuntu wangaphandle nangenhloso yokwenza ubulungiswa. "Njengoba ngingasebenzi ngaphakathi, anginazo ezakamuva (izindaba). Ake ngithole kahle ngendlela," kusho uGwala othembise ukubuyela entathelini nemininingwane egcwele. Kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engabuyelanga.