UKHUZA umhlola umholi we-EFF, ukhalima abaholi be-IFP ngezingxabano ezenzeka ngemva kokukhothama kukaMntwana wakwaPhindangene, inkosi uMangosuthu Buthelezi, ongumsunguli weqembu.
IPhini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu, lithi njengoba engasekho uShenge, kuzomele abaholi be-IFP babambane futhi bathuthukise iqembu liye phambili.
“Yize kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwethu ne-IFP kodwa uShenge besimhlonipha kakhulu. Njengamanje kunoMengameli wayo uMnuz Velenkosini Hlabisa, singathanda abambisane kahle nabaholi beqembu liqhubeke liye phambili,” kuphawula uShivambu.
UShivambu uphimise lawa mazwi, okweluleka i-IFP ngesikhathi ehambele emzini wakhe eMahlabathini, eyoduduza abomndeni ngemva kokukhothama kukaButhelezi abebambisene naye ephalamende, nakwezepolitiki.
Uqhube wathi okubalulekile njengamanje ukususa i-ANC emandleni ngo-2024, yingakho singekho isidingo sokuthi abaholi be-IFP balwe.
Uthe Inkatha ikuveze obala ukuthi inabalandeli ezindaweni eziningi lapho iphethe khona omasipala, njengakwiBig 5 kwaHlabisa, Mkhanyakude, Zululand nakwezinye izindawo.
“Kungakuhle ukuthi abaholi bayo babambisane kuyiwe phambili,” kusho uShivambu.
Ukhuluma kanjena nje uShivambu, vele zikhona izinkulumo zokuthi kukhona ukushayisana phakathi kwabanye babaholi. Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe Online, iDaily News like ladalula ukuthi kunombango owumshushaphansi, phakathi kwabaholi be-IFP omayelana nozothatha isikhundla sokuba ngundunankulu uma liphumelela ukuthatha isifundazwe ngo-2024.
Kumanje ziyaqhubeka izinhlelo kumbe amalungiselelo okufihla uShenge, kusasa kuzokuba nenkonzo yesikhumbuzo, bese efihlwa ngoMgqibelo. UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, ugunyaze ukuthi umgcwabo kaShenge, ube ngowesigaba sokuqala ngoba uzongcwatshwa uhulumeni. URamaphosa unxuse ukuthi amafulegi akuleli ehliswe kancane njengophawu lokuhlonipha nokuzilela ukushona kukaShenge.