UVUTHA engabaselwe umama mfundisi webandla lamaZayoni, uKuthula, laseHarding, eningizimu yeKwaZulu-Natal, othi umyeni wakhe umxoshile ngoba enqaba ukuba sesithenjini nowesifazane oyivolontiya ebandleni labo.
UNkk Nomalanga Mthembu (46) uthi akazi ukuthi umyeni wakhe, uMfu Zakhele Mthembu (59), uhlaselwe yiliphi idimoni leli elidala ukuthi aze ancamele ukuthi akhohlwe nguyena maqede afune ukumfaka esithenjini nentombazane ekhonza ngaphakathi ebandleni.
UNkk Mthembu utshele iSolezwe ngoMgqibelo ukuthi besekuphele isikhathi esingangeminyaka emibili azi ngomjolo oqhubekayo phakathi kukamfundisi nale ntombazane ogama layo kunguNksz Zama Cele (28).
UNkk Mthembu uthe nakuba beyibandla laseZayoni kodwa bayibandla elisindisiwe futhi elikholelwa ekutheni indoda kumele ibe mfazi munye.
“Ngiyakweshwama mina lokhu okwenziwa ngumyeni wami futhi impela angikaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga le ndoda iyoke ingigile ngalolu hlobo. Kuyimanje kuduma ikhanda kimina, angazi ukuthi ngempela kwenzekani ekhanda lale ndoda,’’ kubalisa uNkk Mthembu.
Eqhuba, uthe yena usizonda kabi isithembu ngoba ukhulele kusona futhi wazi kahle ukuthi ayikho into ephilayo ephumayo emndenini wendoda yesithembu.
“Mina ngikhulele kusona isithembu, ekhaya ubaba ubenamakhosikazi amathathu. Minyaka yonke kwakukhona ingane eshonayo ngoba kwakukukhulu ukungaboni ngaso linye phakathi kwamakhosikazi kababa,’’ kuchaza uNkk Mthembu.
Uthi uzamile ukukhulumisana nentombazane ezoshada nomyeni wakhe kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba ethi ibonakala isha amashushu ngomyeni wakhe.
“Angisazi ukuthi ngizokhuluma ngithini nale ntombazane mina ngoba kukaningi ngikhuluma nayo kodwa ayingilaleli nje nhlobo,’’ usho kanjena.
ISolezwe ngoMgqibelo likhulume nomfundisi wavuma ukuthi usezinhlelweni zokuthatha inkosikazi yesibili, wathi akaliboni iphutha kulokho.
Uvumile ukuthi ubengenazo izinhlelo zokuthatha isithembu kodwa uthe ukugajwa wuthando olujulile lukaZama, aqale ejola naye, yikhona okuholele ekutheni amcabangele umendo kunokuthi adlale ngaye.
“Angithi uma kuthiwa ngigcine ngokujola naye, bekuzothiwa ngazi ukulala nezingane zabantu nje kuphela?’’
Uthe into abayibangayo nomkakhe wukuthi akafuni ukungena esithenjini.
“Sengimchazele kaningi kodwa akafuni ukungizwa. Manje sekukuyena ukuthi uyangena yini noma uyahamba,’’ kusho umfundisi evala ucingo.
Intombazane ithintiwe, yavuma ukuthi bahlela ukushada nomfundisi kodwa yathi isiqala ukuba manqika ngoba yesaba iziqalekiso zikamama umfundisi.
Ilungu lebandla, elicele ukuba kugodlwe igama lalo, lithe namalungu ebandla ashaya amakhala ngokuganwa kukamfundisi yisithembu.