AMALUNGU omphakathi ahlwempu abekhosele endlini yebandla labasindisiwe eMariannhill, akhala ngomfundisi okuthiwa ubezitika ngokudla abakunikelelwe maqede wawaxosha.
Lawa malungu emindeni ebalelwa ku-67, kuthiwa aqala ukuhlala eShekinah Community Church eTshelimnyama, eMariannhill, ngemuva kwezikhukhula ezashiya kukhalwa eThekwini ngo-Ephreli.
Kuthiwa uMfundisi Ndlovu (igama lakhe elingatholakalanga) wayethembise le mindeni elokhu yakhosela kulesi sakhiwo sebandla ukuthi iyoze iphume kusona isihlelelwe wuhulumeni izindawo zokuhlala.
Umthombo weSolezwe ngeSonto uveze ukuthi abaxoshiwe basadidekile ngesenzo somfundisi. Uthe isinqumo sokuxosha le mindeni usithathe ngokubambisana nabazalwane abakhonza ebandleni.
"Umfundisi ufike ngoLwesihlanu ecasuke engangeneki ezosinika incwadi esazisa ukuthi kufanele siphume siphele uma kuphela u-Okthoba. Okubuhlungu kakhulu nje ukuthi nabazalwane abakufihli ukuthi nabo abasasidingi. Ngesikhathi sisanda kufika zazikhona izimpawu zokuthi abasithandi laba bazalwane kodwa bezama ukukufihla. Kugqame ngesikhathi sesikhishwa ukuthi nabo bebengasasidingi kangakanani," kusho omunye wabebekhosele.
Eqhuba uthe into ababona ukuthi icasule umfundisi nabazalwane ukwehla kwesibalo sezinhlangano ebezinikela.
"Besihlala sithola ukudla nezingubo zokulala ezinhlanganweni ezehlukene. Umfundisi nabo abazalwane bebefika bazitapele nabo bahambe nakho. Indaba yonakale uma sekwehla isibalo sezinhlangano ebeziletha iminikelo, kwaqala kwashintsha izinto. Abanye abazalwane bebeqhubeka bezitapela ekudleni kwethu khona sekushoda kulikhuni nokuthi sikhalaze ngoba sikhoselisiwe," kusho omunye oxoshiwe.
Ethintwa uMfundisi Ndlovu, uthe uyakweshwama okushiwoyo. Uthe asikho nesivumelwano abasisayina ukuthi bayophuma uma sebethole izindlu.
"Laba bantu okhuluma ngabo kufanele babe wumthwalo kabani? Njengamanje asikwazi kwenza lutho ngenxa yabo nothi bazokhononda lapho kunina ngami. Lalela-ke njengamanje ngiyobakhipha ngoba banamanga. Usuyobhala ukuthi ngibakhiphile-ke," kusho uMfundisi uNdlovu.
Uthe isonto linenhlangano elekelela abahlwempu futhi yiyo enikela ngokudla kwabahlala esontweni.
"Yimi ebengehla ngenyuka ngemoto yami, ngilanda ukudla obekunikelelwa abantu abahlala esontweni," kusho yena.
Phakathi kwezinhlangano okuthiwa zifaka isandla kwabahlwempu abahlala eShekinah Community Church kubalwa neRed Cross.
Bethintwa abeRed Cross bakuqinisekisile ukuthi abantu baseTshelimnyama nabahlala kulesi sakhiwo sebandla bayingxenye yabantu ababanikelelayo. Uthe bonke bangaphansi kohlelo lwabantu abakhahlanyezwa yizikhukhula.
Umsebenzi wale nhlangano ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe banikela ngokudla, izingubo zokulala nokunye kwezidingo zabahlala esontweni bazilethela bona okusuke bekunikela kubantu.
Kuthiwa ikhansela lewadi, uMnuz Thembelani Shezi, nalo lithe aliyingeni, abazibonele wutalatiya lwabo.
Ethintwa uShezi uthe ngeke akwazi ukuphawula lutho kwabezindaba.