UKHUTHAZA intsha engamaKhrestu ukuba ingabi madolonzima uma kukhulunywa ngomshado, uMfundisi Lungi M ongumholi weKingdom Life Ministries International.
Usho lokhu ngesikhathi indodakazi yakhe, uNksz Yolanda Mgwaza (23) ibopha elikasofasilahlane noMvuyisi Mambulu (32).
Umshado ubuseBandla Hotel, eBallito. ULungi M uthe umshado uyisikhungo esabekwa nguNkulunkulu ukuba ababili abathandayo babe kusona ngenhloso eyodwa vo yokuba sothandweni.
"Intsha mayingajoli nje kuphelele lapho, futhi abangesabi ukushada nokushadelwa,''usho kanje.
Ukhiphe isexwayiso sokuthi abesilisa abahlukane nokushela amantombazane ekubeni bengenayo inhloso enhle ngawo.
"Uma ungumuntu wesilisa kumele uma uya kumuntu wesifazane kube ukuthi kukhona inhloso enhle onayo ngaye,’’ kuchaza yena.
Uthe uma kunganda imishado ebunjwe phezu kwesisekelo sikaNkulunkulu kungancipha izehlakunaso sinciphe nesibalo sabantu besifazane abahlukumezekayo emshadweni.
Indodakazi yakhe ibonge ukuthi ingene emshadweni isencane, ithembise ukuthi izoba qotho phambi komyeni wayo.
Ithe kuningi kakhulu okuhle abafisa ukukuzuza bendawonye yathi kodwa konke kuncike kakhulu kuNkulunkulu.
Nomkhwenyana uthembise ukumphatha kahle umakoti wakhe.
Uthe eminyakeni emihlanu ezayo bafuna ukukhulisa umndeni wabo.
Wathi bafuna nokuthi badlondlobale kakhulu kwezamabhizinisi.
"Kumqoka kakhulu ukuthi sibambelele kwezamabhizinisi. Siyakholelwa kakhulu kuwona,'' usho kanje.
Naye ubonge uNkulunkulu ngokumbusisa ngowesifazane amchaze njengoyikho konke empilweni yakhe.
Uveze ukuthi njengoba beshada nje kusaphele unyaka nje owodwa beqalile ukuthandana.
Lo mshado ubukade uhanjelwe ngabaholi bezenkolo bamahlelo ehlukene ebebevela kusona sonke isifundazwe iKwaZulu Natal.