UMFUNDISI webandla labasindisiwe, iShekinah Community Church eliseTshelimnyama, eMariannhill, uthi uyayishwama imibiko eveza ukuthi yena nabazalwane bebandla lakhe bazitika ngokudla kwabantu abahlwempu.
Isolezwe ngeSonto libike ngalolu daba emasontweni adlule ngemuva kokuthi lithintwe ngabantu abaqale ukukhosela endlini yaleli bandla ngemuva kokugasela kwezikhukhula zango-Ephreli, eThekwini.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto uMfundisi Jabulani Ndlovu, uthe kuyamkhathaza ukuhudulelwa phansi kwesithunzi sakhe nebandla futhi akaqondi ukuthi kungani kunabantu abafafaza la manga.
"Kuleli bandla kudala sisiza abantu abahlwempu. Laba obabonayo akusibona abokuqala futhi kunemindeni ehlwempu esiyihambelayo ngoba siqhuba wona umsebenzi wokulekelela abantu abaxakekile. Sinonompilo esibajubayo ukuthi bahambele yonke imizi esisuke siyilekelela ngokudla," kusho umfundisi.
Eqhuba, uthe okunye okumxakile wukuthi kube nemibiko yabantu okuthiwa bakhala ngezenzo zakhe, ekubeni kungakaze kube noyedwa umuntu okhonondayo kulabo abahlala esontweni.
"Incwadi sayikhipha impela ngoba ibandla kalisakwazi ukuhlela zonke izinkonzo esijwayele ukuba nazo, ngenxa yabantu abagcinwe endlini yebandla. Ngesikhathi ngibanika yona (incwadi) ngo-Okthoba ngabatshela ukuthi akuzohlala kahle okubhalwe kuyo. Nabo bakhombisa ukusiqonda isimo esiholele ekutheni sibadedele" usho kanje.
Eqhuba, uthe yena nebandla bebezitshela ukuthi kuzoba yinto yesikhashana ukugcina abantu abadilikelwa yizindlu ngenxa yezikhukhula, njengoba uhulumeni ubunezithembiso eziningi.
"Sikulesi simo esikuso ngenxa kahulumeni, owenze izithemiso ezingekho kubantu. Mina bengigijima nethimba esisebenza nalo ebandleni sithungatha izinhlangano ezinikela ngokudla. Yingakhoke ngithi kuyamangaza engikuzwa kukhulunywa ngami, ngibizwa ngephara lomfundisi," kuzikhalela uNdlovu.
Uthe amalungu omphakathi ahlaliswa endlini yebandla iShikinah Community Church ayengu-162 njengoba esesele engu26. Omunye wabantu abaphelelwa yindawo kuleli bandla, uNksz Delisile Nkomo, othe ucela uhulumeni nezinhlangano ezingangenela enkingeni ebakhungethe.
“Kunzima kakhulu kimina njengoba ngikhubazekile futhi ngihamba ngesihlalo. Imali yesibonelelo engiyitholayo akuzoba lula ukuthi ngikhokhele ngayo irenti njengoba ngithenga ngayo ukudla nezinye izidingo,” kuzikhalela uNksz Nkomo.