KUVELA ukuthi unkosikazi wephoyisa, loMkhandlu weTheku elabulawa, wayesezazisile emalungwini omndeni wenkabi.
Kuthiwa uNkk Faith Ntombela, ongumsolwa wokuqala ecaleni lokusocongwa komyeni wakhe, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, wazithula njengenkosikazi yenkabi, uKhulani Cele.
Lokhu kuvezwe nguWarrant Officer Sibusiso Ntshangase ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseMlaza.
Inkantolo ibikade ilalele isicelo sebheyili sakhe uNkk Ntombela noMnuz Sithembiso Khumalo onguthishanhloko, ongumsolwa wesithathu kuleli cala.
"Umsolwa wokuqala wahamba waya kubo kwenkabi wafika wazichaza njengenkosikazi yakhe," kuchaza uNtshangase.
Eqhuba, uthe uNkk Ntombela akagcinanga nje ngokuzethula kanjalo waphinda waveza nengane aqamba amanga wathi ngeyakhe nenkabi.
Le ngane ayiveza kubo kwenkabi eyayineminyaka emibili, uNtshangase uthe kwabe kuyingane ezalwa yintombazane yakhe uNkk Ntombela.
"Ubephinde abahambisele negilosa yokudla," usho kanje.
UNtshangase ube esethi akumfanele ukuthola ibheyili uNkk Ntombela njengoba ekhala ngokuthi kungenzeka alibalekele icala.
"Lo muntu wasuka emzini wakhe okwa-S wayohlala eMontclair ngoba esaba amaphoyisa. Ungamthemba kanjani ke umuntu onjengaloyo?“ ubuze kanjena.
Uveze nokuthi ophenyweni lwakhe utholile ukuthi uNkk Ntombela useke wenza imizamo yokusabisa ofakazi baleli cala.
"Kukhona lapho okuvela khona ukuthi uNkk Ntombela wathi uzobagudluza bonke abayisithiyo kuleli cala," usho kanjena.
Uthe okufanayo futhi nakuKhumalo, wathi naye ibheyili ayimfanele.
Uthe uKhumalo kukhona lapho abebuye azame khona ukudukisa ubufakazi.
Waveza nokuthi uKhumalo wagijima wayosabisa inkabi eseyagwetshwa, uMzo Ntombela, okuyiyona eyadubula.
Uthe wayefuna ukuthi ingalinge iveze igama lakhe.
Abameli bomsolwa wokuqala nowesibili babe nemibuzo ebebeyibhekise kuNtshangase.
Bebezama ukudweba isithombe sokuthi laba ababili kubafanele ukuthola ibheyili.
Icala lihlehliselwe uLwesine ukuze kuqhutshekwe nesicelo sebheyili.