EZINKUNDLENI zokuxhumana sekuyinsakavukela ukuthi uzwe abantu bentela ngesihloko esimayelana nokuthwala. Ukuthwala kuchazwa abelaphi bendabuko njengemigilingwane eyenziwa kumuntu ukuze agwilike ngokushesha, imali ibuzwe kuye. Kodwa umelaphi wendabuko osezakhele udumo ngolwazi olumayelana nale migilingwane, uMnuz Sabelo Khumalo odume ngelikaSikhiye Sasejele odabuka eMalahleni eMpumalanga, uxwayisa abantu ngalo mkhuba.
Uthe yize ububha bubhokile futhi abantu ngisho abasebancane belubalubela ukugwilika nempilo ewubukhazikhazi kodwa ukuthwala akuyona impendulo.
Uthe lo wumkhuba oyingozi nobucayi ngendlela emangalisayo. Uthe okubuhlungu wukuthi othwalayo usuke ebeka umndeni wakhe engozini enkulu kwazise ukuthwala kona izinto eziningi emndenini yize othwele esuke esegwilikile.
“Inkinga ekhona kulezi zinsuku wukuthi abantu bangena kulo mkhuba bevale amehlo, amehlo abo ethe njo ekugwilikeni,” usho kanje.
Uthe sekufike isikhathi sokuthi njengabelaphi bendabuko babe nezinkundla abazoxwayisa kuzo ngale migilingwane ebhubhisa imindeni yabantu abamnyama iyiqede nya.
Ukhale nangalabo abathwalisayo ukuthi abachazi ngobubi balo mkhuba kulabo abasuke bezothwala noma befuna ukuthwala.
Ulimise ngesihloko elokuthi umndeni uba sengozini enkulu, okubalwa kuyo nokufa uqobo. Unxuse abantu ukuba bangangeni kulolu gibe.
“Okunye abantu abangakwazi wukuthi izinto ezisetshenziswa uma abantu benza lo mkhuba wokuthwala, azihambisani nhlobo nedlozi,” echaza. Uthe kwalabo abasuke bethwalisa, abanandaba nokuthi bachazele kahle labo abasuke sebekhethe ukwenza lokhu.
“Uma ungachazelwa kahle ukuthi ukuthwala kuhanjiswa kanjani, kunamiphi imiphumela emndenini nasezinganeni zakho, ngingabeka imali phansi, ngeke uqhubeke nakho ikakhulu uma uwumuntu owuthandayo umndeni wakho.”
Yize engathandanga ukuchaza ukuthi uma kuthwalwa kusuke kuzokwenzekani emindenini kodwa uthe imigilingwane ehambisana nalo mkhuba isuke ifuna igazi okungaba ngisho elomuntu.
Uthe okuyinkinga ukuthi uma leso sithwalo singayitholi lento esiyifunayo, sishaya umntwana noma umzali wakho.
UKhumalo uthe ubona kumqoka ukuba abantu baxwayiswe kahle ngengozi yesithwalo ukuze bengagagameli bacabangele kusona ngoba bebona bebhuqwa wububha nesifiso sokufuna ukugwilika ngokushesha.
Lo melaphi ujwayele ukuzwakala emsakazweni Ukhozi, ezinkundleni zokuxhumana nasemakhasini akhe, ufundisa kabanzi abantu ngemikhuba ehambisana nokwelapha ngokwesintu okukhona kuyo udaba lokuthwetshulwa nokunye.