USESHEBA umaskandi nomculo wamatende umculi waseJolivet ongaconsi phansi kubalandeli bakhe.
USbusiso "Bahubhe" Mkhize uqokwe yisihlabani somculo wokholo, uThobekile Mkhwanazi, engomeni esihloko esithi Senginaso abayiqophe ngoNovemba.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uBahubhe, uthe ubenokuyicula le ngoma uma enandisa emcimbini abesuke eqashwe kuyo.
Uthe njengomuntu ozifelayo ngomculo wokholo, unawo umkhuba wokuwucula uma enandisa emcimbini asuke eqashwe kuyo kanjalo nakwesuke ihlelwe nguye.
Uthe kumjabulise ukuthola ucingo luvela kwimenenja kaThobekile, imazisa ukuthi isidudla sazeThekwini sifuna ukuqopha naye.
"Kwangijabulisa kakhulu ukuzibona ngisestudiyo ngiqopha nalesi sihlabani. Izinhlelo zengoma angikwazi ukwanda kakhulu ngazo njengoba kungeyona eyami. Abantu bazoze bangizwe ngiyicula uma esengikhululile uThobekile," kusho umculi.
UThobekile utshele intatheli yephephandaba ukuthi ubevele engumlandeli kaBahubhe kodwa kuthe uma ezwa ecula ingoma yakhe yetende, wabe esefisa ukuthi bayicule bobabili ngokuhlanganyela.
"Ingoma esiyiqophe noBahubhe isiyatholakala ezinkundleni okudayiswa kuzo umculo. Ngihlele ukuthi ngithi ukugxila ekuyimaketheni ukuze abantu bazi yona kuqala ngaphambi kokuthi ngikhiphe i- albhamu ephelele.
“Ukusebenza noBahubhe kule ngoma ngikuthokozele kakhulu futhi ngikholwa ukuthi abantu bazoyithokozela kakhulu ingoma esiyicula naye," kusho umculi.