Umculi owayengumethuli wezinhlelo zethelevishini, u-Ayanda Allie, usememezele ukuthi usejoyine iqembu lezepolitiki iBuild One South Africa (Bosa) futhi usohlwini lwabazojutshwa ePhalamende ngemuva kokhetho lukazwelonke nonyaka uma bethola amavoti anele.
U-Ayanda uzophinde abe ngumqondisi wezokuxhumana kuleli qembu lowayengumholi weDemocratic Alliance, uMmusi Maimane.
“Ngiyaziqhenya ngokubiza iBosa njengekhaya lami lezepolitiki futhi ngiyabonga ngethuba lokusebenzela iSouth Africa. Ngikubheke ngabomvu ukufunda kubaholi nabanye esingenele nabo ukhetho,” kusho u-Ayanda.
‼️Attention Attention‼️
— Ayanda Allie (@AyandaAllie) January 16, 2024
I have a few things to mention…I have officially joined @BuildOneSA as Communications Director & aspirant candidate for Parliament
I can no longer stand by & watch as the country lies in ruins, it’s time to build with @MmusiMaimane @NobuntuSA & TeamBOSA pic.twitter.com/DIZgaAqjsB
U-Ayanda ugqame kakhulu njengomethuli wezinhlelo zezindaba kwi-eNCA nakwiSABC News. Uphinde abe ngumculi njengoba ngonyaka odlule ekhiphe i-albhamu, i-We The People. Uke waba ngumkhulumeli wehhovisi loMnyango wezokuThutha kuzwelonke ngesikhathi uNgqongqoshe kunguMnuz Fikile Mbalula osenguNobhala Jikelele we-ANC.
UMaimane uthe umemukela ngezandla ezimhlophe futhi ungena khaxa kwiBosa. Uthe ukusebenza kwakhe eSoweto kuyamangaza.