UKUNGABI khona kozinzo nokuntenga ebuholini obuphethe uMasipala waseThekwini kubalulwe wuMcwaningimabhuku njengenye yezinto emise nse ukusebenza kahle komkhandlu futhi kwaholela nasekutheni uthole umbiko onogcobho onyakeni wezimali u-2021/22.
Lokhu kuvezwe wumbiko kaMcwaningimabhuku owethulwe emhlanganweni wamakhansela izolo.
Lo mbiko uthi iTheku likwazi ukwenza umsebenzi obalelwa ku-46%, uma kuza ezintweni ezithinta ugesi, amanzi nokuhanjiswa kwendle.
UMcwaningimabhuku uthe iTheku ngabe kalikho enkingeni elibhekene nayo, ukube lenza iziphakamiso elinikezwe zona ukuze kuqiniswe izinhlaka zokuphatha.
Umbiko udwebe isithombe esibi, sokuthi eThekwini kukwamachanca, owonile akajeziswa ngendlela efanele futhi kudla lubi ukusetshenziswa kwemali ngaphandle kokuthi kulandelwe imigomo ebekiwe.
Okushaqisayo okutholwe wumbiko wukuthi kunoR1.5 billion osetshenzisiwe kukhishwa izinkontileka ngaphandle kokulandelwa kwemigomo yeSupply Chain Management.
Kuthiwa le mali ikhuphuke ngo-94% uma iqhathaniswa neyangonyaka wezimali owedlule.
UMcwaningimabhuku uveze ukuthi lo masipala awunazo izinhlelo ezifanele ukuqinisekisa ukusetshenziswa kwezimali ngendlela efanele ohlelweni lokuqashwa kwabantu abayitoho, i-Extended Public Works Programme nePresidential Employment Programme.
Kubikwa ukuthi eminyakeni emihlanu iTheku lilahlekelwe ngamanzi avuzayo alinganiselwa ku-56.2% angafiki kubantu, aphelela emhlabathini. Kubalulwe ingqalasizinda esindala engalungiswa nokwebiwa kwawo, njengezinye zezimbangela ezinkulu zokuxhaxhaza kwamanzi.
“Lokhu kungaba nomthela omubi emabhizinisi futhi kukhinyabeze umnotho. Abantu baseThekwini bangazithola sebekhokha okuthe thuthu emalini yama-rates futhi kwenze umkhandlu ungaqoqi imali eyanele kwabawukweletayo,” kusho umbiko.
Kokunye okuphakanyiswa wumbiko wukuthi kuqiniswe izinhlaka zokuphatha, kuqondiswe ubugwegwe abonayo, kulandelwe imigomo yokusetshenziswa kwezimali.
Amaqembu aphikisayo akhwele adilika ebuholini beTheku, athi umbiko uyahlambalaza, uyihlazo futhi ukhomba ukuthi zimapeketwana izinto eThekwini.
La maqembu athe umbiko unezinkomba zokuthi kumele umasipala ufakwe ngaphansi kwesandla somlawuli.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda ithe bayawemukela umbiko kodwa ukusetshenziswa kwemali kungalandelwanga imithetho efanele, akusho ukuthi ibhubhudliwe wangenziwa umsebenzi ebekelwe wona.
USomlomo, uMnuz Thabani Nyawose ukhuthaze amakomiti eminyango eyehlukene emkhandlwini ukuba aqinisekise ukuthi abasebenzi bomkhandlu bayalandelelwa ukuthi bawenza ngendlela efanele umsebenzi abawubekelwe
Umholi wekhokhasi yeDA kumasipala, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe kungenzeka leli qembu libathathele izinyathelo zomthetho abantu ababalulwe embikweni.