UMBHISHOBHI Mandla Mkhize weBandla lamaZayoni ophinde abe ngusomabhizinisi uthi uzimisele ngokuthuthukisa abaculi.
UMkhize lokhu ukusho ngemuva kokuba ethule izinhlelo zokusebenzisana nabaculi be-Afro Jazz, abangamawele i-SS Twins.
Iqembu ama-SS Twins libunjwe nguSiyabonga benoSibongiseni Sithole abaneminyaka engu-42 yobudala. Ngokuzalwa abaseHlokozi, eHighflats. Basanda kukhipha isingili esihloko sithi: Isitimela.
UMkhize uthi ukholwa wukuthi kumqoka kakhulu ukuthi abantu abasha abanekhono lomculo balekelelwe ngezindlela ezahlukene.
Uthi kumqoka ukuthi nebandla likaNkulunkulu lingavele nje libayekelele abantu abasha abanekhono lomculo.
Ugcizelele ukuthi maningi amakhono akhona ebandleni likaNkulunkulu kodwa agcina ngokufadabala ngenxa yokuthi ayazitshwa.
Uthe ikhono lokucula kwamaSS Twins uqale ukuliqaphela ebandleni njengoba ekhona nawo.
"Ngizimisele kakhulu ngokuthi ngibalekelele abaculi uma kukhona lapho engingakwazi khona ukuthi ngifake isandla. Ngikholwa ukuthi abantu abasha bethu abanekhono lomculo, bayakudinga kakhulu ukulekelelwa,'' usho kanje.
Uthe nasemabandleni uyakukhuthaza kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo ukuze kuzolekelelwa abantu abasha abanentshisekelo yomculo.
"Emabandleni baningi kakhulu abantu abasha abathanda umculo nabafisa ukuphumelela kuwona, kodwa bavinjwe ukuthi abazi ukuthi bangaqalaphi ukuze kufezeke iphupho labo,'' echaza.
Ama-SS Twins athe ayalubonga kakhulu usizo lukaMbhishobhi Mkhize. Eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi ezayo aphokophelele ikusasa elingcono kwezomculo.
Athe afisa ukudlondlobala kakhulu aziwe ezweni lonke aze afinyelele naphesheya kwezilwandle.
Aveze ukuthi isitimela yisingili abahlose ngayo ukuveza ukubaluleka kothado phakathi kwabantu ababili.