IYAQHUBEKA ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha benhlangano i-ANC, eWestern Cape.
Kuzokhumbuleka ukuthi besekunesikhathi eside kunenkinga yokuhlalisa lengqungquthela kulesi sifundazwe, kangangoba belungekho uhlaka olukhethwe ngokusemthethweni kodwa bekukhona ababambile, nokuyibona abebelekelela ukuthi kuhlale le eqale namhlanje ezophela ngeSonto.
Kulindeleke ukuthi lengqungquthela ihanjelwe ngamalungu e-ANC alinganiselwa ku-700 azokuba eliqhamukisa kuso sonke isifundazwe.
Okhulumela i-ANC eWestern Cape, uMnuz Sfiso Motsweni uthe konke kuhamba kahle ngale ngqungquthela futhi kunokuthula.
“Njengamanje silindele uNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula ukuthi ayivule ngokusemthethweni kube sekuqhubeka uhlelo,”kubeka uMotsweni.
Uthe ngemuva kokuqokwa kwabaholi abasha, kuzobe sekufika uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa ayivale lengqungquthela ngeSonto. “Bakhona abazobe bencintisana kodwa okwamanje bengicela ukungawadaluli amagama abo,” kusho uMostweni.
IWestern Cape iyona kuphela lapha eNingizimu Afrika engekho ezandleni ze-ANC nohulumeni wakhona usezandleni zeDemocratic Alliance.