KHETHA SANGWENI
UNOBHALA-JIKELELE we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthi inhloso yokuhlukanisa inkampani ephakela ugesi i-Eskom, ibe yizicagogwana, wukuthi isebenze kangcono. UMbalula ubekhuluma esithangamini nabezindaba lapho ecacise khona ngezinhlelo zomcimbi wabo ongeSonto.
Izwe lixakwe yinkinga kagesi ocima izikhawu ngenhloso yokuwonga kanti lokho kucasula abantu bakuleli. I-ANC izoba nomcimbi wokubuyekeza usomqulu wokhetho eyawethula ngo-2024?? bese ichaza ukuthi yikuphi ekwenzile. Kuzokhuluma uMengameli uCyril Ramaphosa kulindeleke ukuthi akhulume emcimbini ozoba se-Orlando Pirates.
UMbalula uthe udaba lokwehlukaniswa kwe-Eskom izicagogwana bayalwazi futhi bathole umbiko ophelele ngalo.
“Lokhu kuhlelwa kabusha kuzosiza ukusombulula inkinga kagesi ngoba kuzokwenza ukuthi nabaphehli bakagesi abazimele bathole ingxenye. Siyaqinisekisa ukuthi i-Eskom noma ingahlukaniswa izigaba kodwa izobe isengaphansi kukahulumeni,’’ kuchaza uMbalula.
UMbalula uqhube wathi bayasizwa isikhalo nezinsolo zokuthi kudayiswa i-Eskom kodwa akulona iqiniso. Phambilini kuke kwaba nesikhalo sokuthi sengathi i-Eskom iyadayiswa uma ihlukaniswa. Iminwe ibilokhu ikhomba uNgqongqoshe wamaBhizinisi kahulumeni uMnuz Pravin Gordhan, esolwa ngokufuna ukudayisa amabhizinisi kahulumeni.