OBEYIPHINI leMeya yeTheku, uMnuz Philani Mavundla, usejoyine i-ActionSA odabeni lwasenkantolo abafuna iphoqe lo masipala ukuthi ulungise ingqalasizinda yokuthuthwa kwendle.
Icala lizolalelwa ngoFebhuwari 27, nonyaka, eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Umshado weqembu likaMavundla, i-Abantu Batho Congress (ABC) ne-ActionSA umenyezelwe eCity Hall, enkabeni yeTheku, ngoLwesibili ekuseni.
UMavundla onguMengameli we-ABC aphinde abe yikhansela eThekwini, noMnuz Zwakele Mncwango, ongumholi wekhokhasi ye-ActionSA eThekwini, bebekade bebize isithangami sabezindaba.
UMncwango wanikela enkantolo ngoNovemba, nyakenye, efuna ukuthi iphoqe lo mkhandlu ukuthi ulungise ingqalasizinda eyacekelwa phansi izikhukhula nyakenye.
Wayekhala ngokuthi indle iyazigelezela ingene emifuleni igcina iphelela olwandle.
UMavundla uthi usengumngani wenkantolo kulolu daba futhi uphethe imiqingo enobufakazi bokuthi inkinga yokuthuthwa kwendle eThekwini, yaziwa nawuMengameli Cyril Ramaphosa aba nomhlangano naye emzini wakhe eGauteng.
UMncwango uthi bayajabula ngokujoyinwa uMavundla enkantolo.
UMasipala waseThekwini uthi uzowafaka amaphepha asenkantolo aphikisana nokufunwa ila maqembu amabili.
Umasipala uthi njengamanje uyaqhubeka umaebenzi wokulungisa izinto uMncwango noMavundla abakhala ngazo.