KUXWAYISE abaphathi bamanyuvesi ngokusheshe bagxumele ekumiseni izitshudeni noma abasebenzi uma kunokungaboni ngasolinye.
Lesi senzo kuthiwa siba nomthelela ekutheni kuchithwe enkulu imali kugijinyiswana ezinkantolo kungenasidingo.
Lokhu kushiwo usihlalo wekomiti lo mnyango weMfundo ePhakeme ePhalamende, uMnuz Tebogo Letsie, enkulumweni yakhe yokuhalalisela ukugcotshwa ngokusemthethwe kuka-Vice-Chancellor waseMangosuthu University of Technology, uSolwazi Nokuthula Sibiya emcimbini obukule nyuvesi ngoLwesihlanu.
ULetsie uthe abaphathi bamanyuvesi kumele baqinisekise ukulandela imigudu efanele uma bethatha lezi zinyathelo futhi kube yinto yokugcina abayenzayo ukugwema ukulahleka kwemali.
“Izitshudeni eziningi ezifunda emanyuvesi zixhaswe uhulumeni. Ngakho yithina esisuke sikhulume ePhalamende ukuthi kumele kufakwe imali emnyangweni ukubhekana nezidingo, kodwa akuzwakali kahle ukuthi imali igcine seyisetshenziswa ukulwa amacala abengagwemeka ngoba nakhu umphathi wenyuvesi esexoshe izitshudeni noma abasebenzi,” usho kanje.
Ehalalisela uSolwazi Sibiya, uthe u-80% wabaphathi bamanyuvesi kusengabantu besilisa, okukhombisa ukuthi isenkulu inselelo ekutheni lezi zikhungo ziphathwe abesifazane.
Uthe akangabinawo amahloni okuthatha inyuvesi ayikhuphulele kwelinye izinga.
USomlomo kuMasipala weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, unxuse ukuthi uma kungenakho ukungaboni ngasolinye phakathi kwezitshudeni nenyuvesi, kuhlalwe phansi kuxoxwe kugwenywe ukuvalwa kwemigwaqo.
“Phambilini, le nyuvesi beyikhungethwe izinkinga, asingabazi ukuthi ngokugcotshwa kukaSolwazi Sibiya, uzokwazi ukuhola inyuvesi ngobuqotho,” usho kanje.
UMhlengi Ngubo owumengameli womkhandlu wezitshudeni kule nyuvesi, unxuse ubumbano nokusebenzisana nokuthi kubekwe eqhulwini uhlelo lokuxhaswa kwezitshudeni ngokwezimali okuyilona oluvamise ukudala ukungaboni ngaso linye.
Ekhuluma kulo mcimbi, uSolwazi Sibiya ubonge abebemeseka kwizinselelo adlule kuzo kuze kuba uqokelwa kulesi sikhundla.
“Lolu hambo angilihambanga ngedwa kodwa kukhona abebenami, bekholelwa kimi bengeseka, ngiyabonga. Kungenxa yenu njengoba ngimi lapha, ebeningixhasa ngakho sengikulungele ukuhola inyuvesi nokusebenza ngokuzinikela. Ngingakusho ngokungananazi ukuthi ukuqokwa kwami kulesi sikhundla, kuyisiqalo esisha. Njengokuba owesifazane wokuqala ukuqokelwa kulesi sikhundla kule nyuvesi, lokhu kuwubufakazi bokuthi seligaya ngomunye umhlathi,” usho kanje.
Phakathi kwezikhulumi ebezishiyelana inkundla kulo mcimbi, uMnuz Sandile Zungu owushansela kule nyuvesi, uDkt Marcia Socikwa osemnyangweni weMfundo ePhakeme, usihlalo we-Institutional Forum uDkt Thembi Kweyama nephini likashansela wase- University of Zululand, uSolwazi Xoliswa Mtose.
USolwazi Sibiya uqokelwe kulesi sikhundla ngoJulayi walo nyaka, aqale ukusebenza ngokusemthethweni kuso ngo-Agasti, njengoba ubegcotshwa ngoLwesihlanu.
Ungumuntu wesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla kule nyuvesi eneminyaka ewu-45 ebisalokhu ikhungethwe yizinkinga.
Uthathe lesi sikhundla phambilini obekubambe kuso uSolwazi Marcus Ramogale owasuswa kuso emva kwezinsolo zenkohlakalo.