ANQUNYELWE ugwayi katiki amakhansela “ukulova” kwawo emihlanganweni osekuholele ekutheni uMasipala waseMvoti wehluleke ukuphasisa ngesikhathi isabelomali.
Lo masipala uhluleke wancama ukuphasisa ngesikhathi isabelomali ngenxa yokungafiki kwesibalo esanele samakhansela ukuba kuhlale imihlangano.
Kwehluleke noma umkhandlu usucele ukwelulelwa isikhathi wuMnyango kaMgcinimafa, amakhansela awangafika emhlanganweni.
Manje uSomlomo womkhandlu, uNksz Noluthando Dlamini, usabisa ngokuthathela izinyathelo amakhansela azolova emhlanganweni athe uzobizwa maduze.
Lokhu ukusho kwisithangamani sabezindaba ebesiyizolo.
UNksz Dlamini usole amakhansela e-ABC ne-ANC ngokulova emhlanganweni emibili ebibizelwe ukuphasisa isabelomali.
Uthe uma la makhansela ehluleka ukufika emhlanganweni olandelayo, azothathelwa izinyathelo.
“La makhansela awazange alandele indlela esavumelana ngayo yokubika uma umuntu engezukuphumelela emhlanganweni. Uma bengafiki emhlanganweni olandelayo, kuyokube sekungumhlangano wesithathu abazokube belova kuwona.
“Imithetho elawula omasipala iyangigunyaza ukuba ngiwathathele izinyathelo amakhansela alova emihlanganweni emithathu elandelanayo ngaphandle kokubeka isizathu.”
Kunomdonsiswano oqhubekayo ngokuphathwa kwalo masipala okungekho iqembu elinezihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela.
Umdonsiwano uqale emva kokugqabuka kwegoda phakathi kwe-IFP ne-ABC.
Njengamanje i-ABC ifake enkantolo uNksz Dlamini njengoba ifuna ukuthi ahlalise umhlangano ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi be-IFP obuhola lomkhandlu.
Inkantolo eNkulu eMgungundlovu yanquma ukuthi uNksz Dlamini kufanele awubize ngokushesha, kepha ke wasiphonsela inselelo lesi sinqumo.
UNksz Dlamini uthe njengoba inkantolo ingakasikhiphi isinqumo sayo esicelweni sakhe, akakwazi ukubiza umhlangano womkhandlu.
Kepha i-ABC ikholelwa ekutheni kufanele engabe kade uNksz Dlamini awubiza.
Umholi we-ABC, uMnuz Philani Mavundla, uthe isinqumo sokugcina senkantolo sithi uNksz Dlamini akabize umhlangano.
“Kuyangixaka lokhu kokuthi usomlomo uma ehlulwa ukuhumusha isinqumo senkantolo bese ebiza abezindaba, esikhundleni sokuthi aye kobuza inkantolo.”
UMavundla uthe njengamanje sebelindele ukuthi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, athumele isikhulu somnyango esizohlalisa umhlangano.
Isolezwe lithole ukuthi uNkk Sithole-Moloi usanda kubhalela uNksz Dlamini emyalela ukuthi ahlalise umhlangano womkhandlu, kepha uNksz Dlamini wephendula ngokuthi akakwazi ukuhlalisa lo mhlangano inkantolo ingakanqumi esicelweni sakhe.
UMavundla uthe bakuthola kunzima ukuthi bahambele imihlangano yokuphasisa isabelomali ekubeni uNksz Dlamini enqaba ukubiza umhlangano ozolalela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bomkhandlu.
Kuke kwaphakama imimoya kwisithangami sabezindaba ngesikhathi abaholi bomkhandlu abaqhamuka kwi-IFP, uNksz Dlamini, iMeya uMnuz Gabriel Malembe noSotshwebhu, uMnuz Mbongiseni “Bhojasi” Dlamini, bejikijelana ngamazwi nephini lemeya, uMnuz Mpumelelo Madondo, oqhamuka kwi-ABC.