IPHINI likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, lichithe ukuthi iTheku alifuni ukusebenzisa uSection 154, inhloso yawo okungukulekelela wona lo masipala. Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaphakanyiswa igama likaDkt Cassius Lubisi noMike Sutcliffe ukuthi kube ibona abazolekelela iTheku kodwa lokho kwagcina kuphelele emoyeni.
UMashatile ubephendula imibuzo phambi komkhandlu wezifundazwe, eKapa. Ezwa ukuthi iTheku alizimisele ngalo Section 154, uthembise ukuthi ngenyanga ezayo uzoza eThekwini azozibonela ngokwakhe ukuthi kanti kwenzekani?
Uthe akangabazi ukuthi uNgqongqoshe wakwaCogta, uNkk Thembi Nkadimeng, uyalusebencza lolu daba, waphinde waveza ukuthi abantu kumele bangakhohlwa ukuthi iTheku kade lihlaselwe izikhukhula. “Uhulumeni waze walekelela ngoR155 million owalandelwa imali engaphezulu kwe-billion ukuze kuxazululwe inkinga yezikhukhulu,” kuchaza uMashatile othe ayikho inkinga ngoSection 154 ngoba inhloso yawo ukulekelela uMasipala.
Isolezwe Online lithinte uNkk Gugu Sisilane mayelana nokuthi lwahamba lwagcina kuphi udaba lukaSection 154 nokuthi uLubisi noSutcliffe okwakumele balekelele kwagcina kwenzakaleni. UNkk Sisilane uyalele intatheli ukuthi ithinte uMnyango wakwaCogta.
UMnuz Siboniso Mngadi okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (Cogta) uthe bayalwazi lolu daba njengomnyango, bayalusebenza. “Umnyango usalandela imigudu efanele ngokubambisana nobuholi baseThekwini,” kusho Mngadi ngamafushane.