IPHINI likaMengameli uPaul Mashatile, lithe zingamampunge izinsolo zenkohlakalo ezithi linakekelwa abathile abathola amathenda kuhulumeni. Imibiko yabezindaba evelile ithe uMashatile uke wahlala emzini ophambili endaweni yomntakabani ayewunikwe wuMnuz Edwini Sodi oboshelwe inkohlakalo.
Ihhovisi likaMashatile liphendula ngezinsolo lithe akaze abe nesandla ekukhishweni kwamathenda kahulumeni futhi usebenza elandela isifungo asenza sokwethembeka. UMashatile uthe akufanele afele ukuzwana kwakhe nabantu abathile ngoba uhlangane nabantu abehlukene eminyakeni eminingi edlule ekhona kwezepolitiki.
“ Iphini likamengameli liyafisa ukuqinisekisa umphakathi ukuthi lihlonipha isifungo elasenza futhi alikaze lenze okuphambene nomthetho. Zonke izinsolo ezibekiwe eziphikisana nalokhu akumele zingamampunge,’’ kusho isitatimende sehhovisi likaMashatile.
Ngaphambi kwalokhu, uNobhala -Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula ukhale ngesikhathi okuqhamuka ngaso lezi zinsolo ngoMashatile. UMbalula uthe ngoba uMashatile ubelokhu ekhona nje bekungaveli ngani lokhu osekuvezwa manje.
UMashatile ukhethelwe kwesePhini likamengameli we-ANC ngoDisemba wonyaka odlule.Lokhu kulandelwe wukuthi aqokelwe kwesephini likamengameli wezwe kulo nyaka.