IPHINI likaMongameli, uMnuz Paul Mashatile, lithi kunengwadla yabantu abadla imishanguzo yengculazi bayishiye phakathi bese kubuyisela emuva umgqigqo wokulwa negciwane.
Uthe uhulumeni usehambe ibanga elide ekutheni alwe nengculaza kodwa bayaganga abayeka imishanguzo ingakapheli. Wathi kumele kunqandwe lokho kusemanje.
“Sinenkinga yokuthi abantu abaqala imishanguzo kodwa asikwazi ukubagcina ngoba babuye bashiye. Kufanele sifake umfutho omkhulu ukuze silungise lolu daba,’’ kunxusa uMashatile.
Iphini lithe uma abantu beyidla kahle imishanguzo bangaze bafike ezingeni lapho igciwane lingasatholakali egazini kanti lokho kuyobe kusho ukuthi abasakwazi ukulidlulisa kwabanye.
UMashatile uthe nakuba kunjalo, abagqugquzeli ukuthi abantu baye ocansini olungavikelekile ngoba zikhona ezinye izifo ezithathelanayo ngokocansi. Ucele ukuthi abaholi bomphakathi bangayeki ukugqugquzela abantu ukuba bazithibe futhi bafunde ngengculaza emphakathini.
Ngokusho kwephini likamongameli uhulumeni unomgomo wokuthi ube usuyinqobile ingculaza ngo-2030. Uthe okukhathazayo wukuthi iNingizimu Afrika, isavela njengezwe elinabantu abaningi abahaqekile.
Ukhuze abacwasa abantu abahaqekile babakhiphe inyumbazana emphakathini, wathi mabapheze ukwenza njalo.