UMholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthi uzoyishiya phansi ipolitiki uma eseno-55. Uveze lokhu ngesikhathi enengxoxo noSolwazi JJ Tabane, kwiFrank Dialogue, ebeyihanjelwe izintatheli kanjalo namalungu alenhlangano.
“Mina ngibheke e-Union Building, akukho okunye. Kunabaholi abaningi abasha nabasuka kwiStudent Command yaleli qembu, nginesiqiniseko sokuthi bazoliyisa phambili ngenkulu impumelelo leli qembu. Njengoba wazi thina sigqamisa kakhulu imfundo uma usiqhathanisa namanye amaqembu akhona,” kusho uMalema.
Ube esethi kunamaqembu angazwani nokufunda, ube esenza isibonelo ngelinye lamaqembu asephalamende, ethi amalungu alo awazwani nokufunda.
“Bangena kunohulumeni wobandlululo kuthiwa akungabizwana ngamagama, bona bavele babizana ngabahlonishwa.
Kuhulumeni wobandlululo bekungabizwana ngabahlonishwa ngoba vele babazi ukuthi amanye amalungu akhona ephalamende ngeke nangephutha uwabize ngabahlonishwa ngoba vele awabona.
Akukho emgomeni wasephalamende ukubizana ngabahlonishwa,”kusho uMalema.
Uphethe ngokuthi uma eseyeka ipolitiki uzogxila kwezolimo njengoba ezifela nangepulazi lakhe.