NJENGOBA seligqabukile igoda phakathi kwe-IFP ne-EFF komasipala baKwaZuluNatal, umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthi bazofaka iziphakamiso zokungabethembi ubuholi bezimeya ze-IFP.
UMalema uthe bafuna zikhishwe ezikhundleni zonke izimeya ze-IFP ezangena komasipala ngenxa yokwesekwa yi-EFF. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela umhlangano we-EFF ngempelasonto.
Omasipala abaningi baKwaZulu-Natal okwakungekho iqembu elaphumelela ngamalengiso okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021, bagcina bewela kwi-IFP ngenxa yokusebenzisana kwayo ne-EFF.
Phakathi komasipala baKwaZulu-Natal i-IFP ebabusa ngokubambisana ne-EFF, kubalwa uMasipala wesiFunda iZululand, Amajuba, Mhlathuze, Nongoma, Mtubatuba nabanye.I-EFF yanikezwa izikhundla zamaphini ezimeya komasipala evota kubo ne-IFP. UMalema uthe aseyalelwe ukuthi asule ezikhundleni onke la maphini ezimeya.
UMalema uthe baxoxa namanye amaqembu ezepolitiki ukuze kukhishwe izimeya ze-IFP.
“Sixoxa nawo onke amaqembu ezepolitiki, okubalwa kuwo neNFP. Sizofaka siphinde seseke iziphakamiso zokungabethembi ubuholi bezimeya ze-IFP.”
UMalema uthe ukhale ngokuzithwala kwe-IFP, wathi yikhona okubaqhathile, wathi i-IFP ibingafuni ukubanikeza abanye bomasipala okungekho qembu elaphumelela ngamalengiso.
“Sihlanganile kabili nobuholi be-IFP sikhuluma ngodaba lokubambisana komasipala. Sibacele ukuthi basinikeze uMasipala waseMhlathuze, kube yithi esiwuphathayo. I-IFP inqabe yaphetha. Sibe sesibacela ukuthi basinikeze noma yimuphi omunye umasipala, banqaba. Basitshela ukuthi sebephumile kithi.”
UMalema uthe bafuna nanokuthi i-IFP ikhishwe nasezikhundleni enazo komasipala baseGauteng ababuswa ngokubambisana.Uthe zonke lezi zikhundla ebezikade ziphethwe i-IFP zinikezwe i-EFF.
I-IFP izokuba nesithangami nabezindaba namhlanje lapho izocacisa khona ngokuphela kobudlelwano bayo ne-EFF.
Khonamanjalo, uMalema uphinde wamemezela ukuthi i-EFF izokuba nombhikisho kazwelonke abahlose ngayo ukukhipha uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.Lo mbhikisho uzokuba ngoMashi 20, uMalema uthe kuzokuma yonke into ezweni ngalolu suku.
“Izikole zizokube zivaliwe. Emigwaqweni kuzokube kungahambi lutho. Sifuna ukuthi uRamaphosa ehle esikhundleni.”
Uphinde wamemezela ukuthi bazozishushisela mathupha uNgqongqoshe wezokuMbiwayo nezaMandla, uMnuz Gwede Mantashe, ngamacala athinta ubudlelwano bakhe nenkampani echaphazeleka embikweni wekhomishini ebiphenya izinsolo zokulawulwa koMbuso yidlanzana, iBosasa.
Umbiko wathi ubudlelwano bukaMantashe neBosasa kufanele buphenywe, bese kuthathwa izinyathelo zomthetho uma sikhona isidingo.