UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Melama nommeli kaKelly Khumalo u-Adv Magdalene Moonsamy bamangalelwe emuva kokuvulelwa icala wobengumeli wabasolwa ngelokubulawa kukaSenzo Meyiwa. U-Advocate Teffo Malesela ukuqinisekisile ukuthi uvulele uMalema noMoonsamy amacala okumehlisa isithunzi.
Uthe amacala uwavule esiteshini samaphoyisa eJohanesburg Central and Brixton kuleli sonto.
UMalema usolwa ngokuthuka uTeffo ezinkundleni zokuxhumana, ngokuthi athi ubukela phansi umthetho wakuleli ngokulibala wukudlala enkantolo. Nenhlangano yakhe, i-EFF, yabiza uTeffo ngosomathuba osebenzisa ukubulawa kukaSenzo ukuzakhela udumo. Nakuba kunjalo, uTeffo, obemele ummngalelwa wokuqala kwabane ecaleni lokufa kukaSenzo, akafunanga ukwanda ngamazwi mayelana nodaba. Uthe usafuna ukunikeza amaphoyisa ithuba lokuqhubeka nophenyo. "Ngiyakuqinisekisa ukuthi icala engilivulele uMnuz Malema lisesiteshini samaphoyisa iJohannesburg Central, elikaMoonsamy nabanye lisesiteshini iBrixton. La macala avulwe ngoLwesibili," kuphetha uTeffo ophinde wahoxa ekumeleni abamangalelwa ecaleni eliqhubeka ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu yasePretoria.
Khonamanjalo osolwa ngokungqongqisa iPhalamende, uMnuz Zandile Mafe, uphinde wenqaba ukuvela eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape. UMafe bekufanele aphinde avele izolo ekuseni.
Ngenyanga eyedlule wenqaba ukuphuma esitokisini agcinwe kuso ukuze azoma ebhokisini. Ummeli wakhe, uLuvuyo Godla, uthe uzoxhumana noMafe ukuphenya kabanzi ngembangela yokwenqaba kwakhe. Icala lihlehliselwe uNovemba 4.s